BALWELA ISITHUNZI SOMGXOBANYAWO
BALWELA ukubuyisa isithunzi somgxobanyawo ngoba bebona uvalelwa ngaphandle endimeni yomculo wesintu.
Amaciko alo mculo atshele ILANGA ukuthi sekuyisikhathi sokuzilwela ngezikhwepha zawo ukuze nawo afinyelele ezingeni lomasikandi. Lokhu kubonakala ngokuba azihlelele umcimbi wokuzigqamisa obizwa ngaMangwevu Omgxobanyawo Music Festival, omhla zingama-24 kuNdasa ( March) KwaMashu.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uNgelosi Mtshali, uthi inkinga enkulu ababhekene nayo wukuthi abaculi bombhaqanga kabaqashwa ngisho nasemicimbini, kuvele kube sengathi kawusekho nje kwezomculo.
Uveze nokuthi sebesungule inhlangano yabo ezinhlakeni zokuxhumana bengamaciko ombhaqanga ukuze ba-dingide ngezinkinga ezibakhungethe nokuthi bazophuma kanjani kuzona.
“Iqiniso lithi umasikandi kawusa- bambeki ngendlela othuthuke ngayo njengamanje. Umculo wethu uncike kakhulu kuwona okamasikandi kodwa thina kasimenywa nakumenywa emicimbini. Silwela ukuba umgxobanyawo nawo manje ufike ezingeni likamasikandi,” kusho uNgelosi.
Uthi kuleli dili labo kuzobe kudlalwa bukhoma ngoba bafuna ukuzicija kakhulu, bakwazi ukwenza lokhu okungasavamile njengoba isikhathi esiningi sekwaculwa kulingiswa amaCD.
“Kuyisifiso sami ukuba unyaka nonyaka sihlangane singamaciko alolu hlobo lomculo kube khona esikwenzayo, siphinde sikhuphule nalabo abasazamayo ukuze umculo wethu ungashabalali,” kusho uNgelosi.
Uthi kuzobe kungenwa mahhala kanti abaculi abazobe bekhona nguSandile Khwela, Ababekezeli, uNqobani Dube woFeleba, uMashwabana, Amabhungu, Abakhwenyana, Bonani Mhlongo, uMashobane nabanye.