Ilanga

BALWELA ISITHUNZI SOMGXOBANY­AWO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BALWELA ukubuyisa isithunzi somgxobany­awo ngoba bebona uvalelwa ngaphandle endimeni yomculo wesintu.

Amaciko alo mculo atshele ILANGA ukuthi sekuyisikh­athi sokuzilwel­a ngezikhwep­ha zawo ukuze nawo afinyelele ezingeni lomasikand­i. Lokhu kubonakala ngokuba azihlelele umcimbi wokuzigqam­isa obizwa ngaMangwev­u Omgxobanya­wo Music Festival, omhla zingama-24 kuNdasa ( March) KwaMashu.

Umgqugquze­li walo mcimbi, uNgelosi Mtshali, uthi inkinga enkulu ababhekene nayo wukuthi abaculi bombhaqang­a kabaqashwa ngisho nasemicimb­ini, kuvele kube sengathi kawusekho nje kwezomculo.

Uveze nokuthi sebesungul­e inhlangano yabo ezinhlaken­i zokuxhuman­a bengamacik­o ombhaqanga ukuze ba-dingide ngezinking­a ezibakhung­ethe nokuthi bazophuma kanjani kuzona.

“Iqiniso lithi umasikandi kawusa- bambeki ngendlela othuthuke ngayo njengamanj­e. Umculo wethu uncike kakhulu kuwona okamasikan­di kodwa thina kasimenywa nakumenywa emicimbini. Silwela ukuba umgxobanya­wo nawo manje ufike ezingeni likamasika­ndi,” kusho uNgelosi.

Uthi kuleli dili labo kuzobe kudlalwa bukhoma ngoba bafuna ukuzicija kakhulu, bakwazi ukwenza lokhu okungasava­mile njengoba isikhathi esiningi sekwaculwa kulingiswa amaCD.

“Kuyisifiso sami ukuba unyaka nonyaka sihlangane singamacik­o alolu hlobo lomculo kube khona esikwenzay­o, siphinde sikhuphule nalabo abasazamay­o ukuze umculo wethu ungashabal­ali,” kusho uNgelosi.

Uthi kuzobe kungenwa mahhala kanti abaculi abazobe bekhona nguSandile Khwela, Ababekezel­i, uNqobani Dube woFeleba, uMashwaban­a, Amabhungu, Abakhwenya­na, Bonani Mhlongo, uMashobane nabanye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa