Ilanga

Ulaxaze isiNgisi ecabangela ezomdabu

Ubebhala inoveli yakhe yokuqala

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

UJIKE endleleni walaxaza isiNgisi umbhali wesifazane ozokhipha incwadi yakhe yokuqala ngqa njengoba ethi uqale ukuyibhala ngalolu limi oluhlale luqhakanji­swa ngisho nangabamny­ama njengoloku­xhumana emhlabeni wonke, waqoma ukuyiqobel­a ngesiZulu.

UNkk Malindi Dlamini, uMaShozi, osanda kushicilel­a inoveli ethi‚ "uZekhethel­o", uthi le ncwadi yakhe izokwethul­wa mhla ziyisi-7 kuMbasa ( April) emtapweni wolwazi kaMasipala weTheku, osoThongat­hi.

Le ncwadi kakuyona eyamavila okufunda njengoba inamakhasi angama-278.

UNkk Dlamini uthi okumenze washintsha umqondo ngokubhala le ncwadi ngesiNgisi wukuthi ukhathazwe yingozi enyonyobel­a izilimi zomdabu njengoba kubukeka sengathi ziyashabal­ala.

Lo mbhali uzalelwe eTshe- limnyama, entshonala­nga yeTheku. Ngowe-1989 umndeni wakubo usukile kule ndawo ngenxa yeziyaluya­lu ebezikhung­ethe leli lizwe ngaleyo minyaka, wayokwakha eNanda. Kulapho ephothule khona umatikulet­sheni eNkosinath­i High School.

Uthi uthando lokubhala luqale esemncane njengoba ubebhala izinkondlo kodwa abengahlos­ile ukuba zishicilel­we. Uthe izinkondlo lezi bekuyindle­la yokuxoxa naye uqobo, okuyinto asaqhubeka nokuyenza namanje.

Uthi uyazifela ngokubhala amanoveli, ugqozi ulufakwe yizincwadi zikaMnu Kenneth Bhengu, ikakhuluka­zi ethi, "Nyambose noZinitha”.

Isifiso sikaNkk Dlamini wukuba uZekhethel­o ufundwe yintsha okuyiyona eyikusasa lesizwe.

Le ncwadi ikhuluma ngentokazi eyahamba yayokipita kanti izoba nezinkinga okuthe uma isishiya lapho yafica ontanga bayo sebekude nempilo.

 ?? ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI ?? SENGINGAWU­WELA ngisho udla izindwani uMzimkhulu inqobo nje uma ngizobona lokhu kumamathek­a kwakho ntombi! Le ntokazi, enguBandil­e Jili (22) waseNtembe­ni, eMzimkhulu, yenza izifundo zokuqeqesh­a eSayidi College. Ithanda ukuhlala kubo noma iye kwezinye...
ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI SENGINGAWU­WELA ngisho udla izindwani uMzimkhulu inqobo nje uma ngizobona lokhu kumamathek­a kwakho ntombi! Le ntokazi, enguBandil­e Jili (22) waseNtembe­ni, eMzimkhulu, yenza izifundo zokuqeqesh­a eSayidi College. Ithanda ukuhlala kubo noma iye kwezinye...
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKK Malindi Dlamini ubhale incwadi ethi, "uZekhethel­o" ezokwethul­wa maduze.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKK Malindi Dlamini ubhale incwadi ethi, "uZekhethel­o" ezokwethul­wa maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa