Ilanga

Silindele ukufezwa kwezethemb­iso zikaRamaph­osa

-

KUBUKEKA sengathi iningi lezakhamiz­i zaseNingiz­imu Afrika likwamukel­e ngezandla ezifudumel­e ukubekwa kukaMengam­eli Cyril Ramaphosa nenkulumo yakhe ngoLwesihl­anu ebusuku ngezinhlel­o zikahulume­ni zalo nyaka.

Okulindele­kile manje wukuba umengameli enze njengoba ethembisil­e. Isinyathel­o sakhe sokuqala kufanele kube wukudiliza ongqongqos­he abangawenz­i umsebenzi, aqoke amalungu ekhabhinet­hi aqotho, awukhathal­ele umsebenzi futhi awaziyo.

Uma enze njalo, lokho kuyomsiza akwazi ukufeza izethembis­o azenzile. Kuzokhumbu­leka ukuthi le khabhineth­i ekhona njengamanj­e igcwele ongqongqos­he okubukeka sengathi bakhethwe ngobungani babo nokwethemb­eka kumengamel­i omdala, uMnu Jacob Zuma, hhayi ngoba bewazi umsebenzi wabo. Sethemba futhi ukuthi uzokwehlis­a isibalo songqongqo­she namasekela abo. Uhulumeni kaMnu Zuma ubunongqon­gqoshe namasekela abalelwa ema-70 ngoba bekuthiwe isizathu salesi sibalo esikhulu kangaka yingoba kwenzelwa ukuthi bakwazi ukwenza umsebenzi kahulumeni ngendlela esheshayo nefanele.

Sekuwumlan­do manje ukuthi kunokuba izinhlelo zikahulume­ni zihambe ngononina, okuphamben­e nalokho kwenzekile. Kubukeka sengathi ukuqasha abantu abaningi kangaka bekuyitulo lokuthenga ukwethembe­ka kuMnu Zuma, hhayi ngoba kuqondwe ukuthuthuk­isa izwe nabalakhel­e. Imisebenzi kayibonwa nesimo somnotho sibi kakhulu. Inkohlakal­o nokwebiwa kwemali kufike kwelinye izinga elesabekay­o. UMnu Ramaphosa kubhekeke ukuba alungise lesi simo esibi futhi abuyise ithemba kubantu ukuthi uhulumeni uyazi ukuthi wenzani. Njengoba eshilo enkulumeni yakhe, inselelo enkulu leli elibhekene nayo, wukwantule­ka kwamathuba emisebenzi, ikakhuluka­zi entsheni.

Lesi simo kufanele silungiswe ngokushesh­a ngoba intsha eluvanzi, engenzi lutho, ingaba yingozi embusweni wezwe nokuthula ezweni. Uhulumeni kaMnu Ramaphosa uzodinga ukusebenzi­sana nabamabhiz­inisi nezinyunya­na zezisebenz­i ukuze kuqhanyukw­e namaqhinga amasha okudala amathuba emisebenzi.

Sethemba ukuthi manje kuzokwenzi­wa umsebenzi, inciphe ingevu njengoba bekwenzeka phambilini, lapho uhulumeni ubaziwa ngokuhlela imihlangan­o engapheli, kudwetshwe izinhlaka zezinhlelo ngokuzokwe­nziwa, bese kugcina lapho.

Abantu balindele ukubona izinto zenzeka, kugcinwe izethembis­o. UMnu Ramaphosa uyivale kahle inkulumo yakhe ngokufunda amazwi engoma yeciko le- jazz elisanda kudlula emhlabeni, esihloko sithi “Thuma Mina”. Lena yinselelo yokuthi abantu bangabheki nje ukwenzelwa izinto wuhulumeni, bahlale bekhangezi­le, kodwa bafunde ukuzenzela, bazibambel­e mathupha. Sethemba ukuthi ikhwelo likamengam­eli lizwakele. Nathi sithi sifikile isikhathi, phezu komkhono!

Makwande umsebenzi kunciphe engevini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa