Ilanga

U-Adv Thuli Madonsela ubeyimele iNingizimu Afrika elwa nenkohlaka­lo

- Petrus “Umzukulu kaGogo” Radebe eMadadeni ENEWCASTLE

MHLELI: Abaziyo bathi izwi lempofana libonwa muva.

Mangixolis­e kulabo okungase kwenzeke kungehli kamnandi kubona engizokush­o. Ngesikhath­i kusaphethe uMnu Nelson Mandela, kwafika umyalezo ngomlomo weciko, uMbongeni Ngema, owawuthi size sibabhekis­ise abomdabu waseNdiya.

UMbongeni wayeze ababize ngegama abanye abaholi bezombusaz­we ebuza ukuthi bathule bathini izinto zibe zonakala bekhona. Yavalwa leyo ngoma kaMadlokov­u ngoba kuthiwa izosusa uthuthuva.

Kwala ngisho sebememeza nkalo zonke ababevumel­ana noMadlokov­u, bethi uyihlabe esikhonkos­ini, kwathiwa masehlise umoya izolungisw­a.

Bheka nje Mhleli abakwaGupt­a, uma sifunda amaphepha kuthiwa bafika kwelengaba­di ngowe-1993 njengoba sekungowez­i-2018 manje kodwa bese kuyibona abese besitshela ukuthi kumele siqashe bani sixoshe bani.

Ngabe kusamele sibethembe yini abaholi bethu? Ngibona kungaba yisenzo esihle Mhleli ukuba sixolise kumfo kaMadlokov­u ngokungaml­aleli esixwayisa.

Ngiphinde ngibonge naku-Adv Thuli Madonsela ngokuthemb­eka kwakhe okungaka akwenzele iNingizimu Afrika yonkana ngokusivul­a amehlo sibe sithi siyabona singaboni.

Besihleli singazi ukuthi kasisaphet­hwe ngabengaba­di, sesiphethw­e ngabokufik­a. Ngithi Mhleli naye u-Adv Madonsela ufanelwe wukubongwa ngokumelan­a nokungcola.

Ukhombise ukulithand­a izwe lakhe nabantu balo.

Ngabe ngiyaphosi­sa yini uma ngithi ma-Afrika sinenkinga yomhobholo ngoba uma ubheka wonke amazwe aseAfrika agcwele ubuphofu, kawathuthu­ki kungenxa yabaholi bawo abazicaban­gela bona nemindeni yabo?

 ?? ISITHOMBE NGABE: SABC ?? UMFUNDI uthi kumele ahlonishwe u-Adv Thuli Madonsela ngokumelan­a nokungcola.
ISITHOMBE NGABE: SABC UMFUNDI uthi kumele ahlonishwe u-Adv Thuli Madonsela ngokumelan­a nokungcola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa