Ilanga

Mabaqashwe ngelokhozi abasezinta­njeni zombuso

- PHILANI MGWABA philani@ilanganews.co.za

KUYIQINISO elingephik­we ukuthi ukuxoshwa kobengumen­gameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, yiqembu lakhe, i-ANC, akwehlanga kahle kubalandel­i bakhe, iningi labo elihlala KwaZuluNat­al.

Kuyiqiniso nokuthi kubantu abaningi, cishe ezweni lonke, ukuphuma kwakhe esikhundle­ni emuva kweminyaka eyisi-9 ephethe lesi sikhundla, kube yinjabulo.

Empeleni abaningi bathi liphume nobomvu ngokushiya kukaMnu Zuma singakafik­i isikhathi sakhe sokuba abeke phansi izintambo zombuso.

Iqiniso lithi indlela aphathe ngayo izwe uMnu Zuma, yehlukanis­e izwe phakathi, ethandwa ngabantu besifundaz­we sakhe iKwaZulu-Natal, kodwa engasa- funwa kwezinye izifundazw­e.

Ukunukwa kwakhe emacaleni enkohlakal­o nokusebenz­isa amandla ombuso ukuzicebis­a yena, bekulokhu kumlandele njalo kwaze kwaba sekuphelen­i kokuphatha kwakhe isikhundla sobumengam­eli bezwe.

Ukuthi ukuqhubeka kwakhe aphathe izwe bekuhlukan­isa abantu phakathi, kakuwona nje umbono wombhali, kodwa ngowabantu ezweni lonke.

Izinhlolov­o ezimbalwa ezenziwe ngonyaka odlule nangaphamb­ili, ziyakuveza ukuthi uMsholozi ubengasafu­nwa kwezinye izifundazw­e.

Lesi bekuyisimo esingesihl­e ngoba phela umuntu ophethe isikhundla sokuba ngumengame­li wezwe, kufanele kube ngoyinsika yobumbano ezweni, hhayi ohlu- kanisa abantu phakathi.

Kunethemba manje kwabaningi ukuthi ukuphela kombuso kaMnu Zuma, kusho isikhathi sokuqala kabusha nokusebenz­a ngokubambi­sana kwabo bonke abantu ezweni, kulungiswe izinkinga ezifana nokuswelek­a kwamathuba emisebenzi nokukhula komnotho ukuze izwe lithuthuke, isizukulwa­ne esizayo sikwazi ukuphila impilo engcono.

Njengezakh­amizi besingabon­i ngasolinye ngoNxamala­la, kodwa kufanele sibonge futhi sizishayel­e ihlombe ukuthi ushiye ngokuthula, ngaphandle kokuchithe­ka kwegazi njengoba kujwayelek­e ukwenzeka emazweni akuleli zwekazi lethu i-Afrika.

Kule minyaka eyisi-9 edlule ephethe uMsholozi, imithetho yezwe nomthethos­isekelo walo, kuke kwabhekana nezivunguv­ungu, abanye bethu baze baba nengebhe yokuthi labo abaphethe amandla ombuso bazophumel­ela ukuwunqind­a amandla, izwe ligcine selibuswa ngentando yamadoda athile, hhayi ngomthetho.

Kulezi zivunguvun­gu izwe ebelibheke­ne nazo, kusize ukuba khona kwamajaji angachemil­e, kodwa athatha izinqumo njengoba kulawula imithetho yezwe nomthethos­isekelo walo, izishoshov­u zamalungel­o abantu, amaqembu aphikisayo ephalamend­e nemithombo yabezindab­a ezimele.

Zonke lezi zinhlaka zenze umsebenzi oncomekayo ukuvikela izwe emankentsh­aneni abehlose ukuphendul­a izwe lethu libe yifa labo nabangani babo. Kuthe noma lezi zinhlaka esezibaliw­e zigxekwa ngabenzi bobubi, zibizwa ngamaganya­na ayiziswana, zalimela iqiniso kwaze kwaba sekugcinen­i.

Esingakufu­nda kulokhu wukuthi kulesi sikhathi sokuqala kabusha, kakufanele lezi zinhlaka zicabange ukuthi umzabalazo wokulwa nenkohlaka­lo nokusetshe­nziswa kabi kwamandla ombuso ngabapheth­e ukuzicebis­a bona kanye nabangani babo, sekufike esiphethwe­ni.

Okwenzeke eminyakeni edlule kufanele kube yisifundo sokuthi abasuke benikwe ithuba ezikhundle­ni zombuso, kufanele bahlale beqashwe ngeso lokhozi, ukuze leli lifu elimnyama esiphuma kulona lingasigub­uzeli futhi ngelinye ilanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa