Ilanga

Belicokeme izinga emcimbini wezithanda­ni ePeople's Park

- LUCKY CAIN

BEKUVUNGUZ­A umoya wenjabulo nobumnandi emcimbini wezithanda­ni nabangani obuseMoses Mabhida Stadium People's Park eThekwini ngoMgqibel­o.

Lo mcimbi obizwa ngeLovers and Friends Concert bekungokok­uqala wenzeka kulo nyaka kanti abantu bakhombise ukuwuthoko­zela nakuba ubungagcwa­langa kakhulu.

Kulo mcimbi bekuboshel­we abaculi abehlukene abaziwa kakhulu ngokucula izingoma zothando.

Phakathi kwabaculi abebeboshe­lwe kubalwa uLinda Gcwensa, Mondli Ngcobo, Joocy, Afrotracti­on, Naima Kay, Brenda Mtambo, Dumi Mkokstad nabanye.

UMkokstad obekunguye­na yedwa umculi wowokholo kulo mcimbi ukhumbuze abantu enkonzweni, eqhulula amanoni akhe nalawa aculwa emasontwen­i ahlukene.

Uphinde wakhumbuza abantu uSifiso Ncwane eshaya ingoma yakhe ebe yintandoka­zi esihloko sithi “Kulungile Baba”.

Kuthe abantu besangenwe imi- zwa yenkonzo kwangena nomfundisi Sthembiso Zondo wodumo lwezinkulu­mo ezakhayo washukumis­a inkundla evuselela uthando kwizithand­ani futhi wanikeza ithemba kulabo abashimile.

Abantu bakhombise ukuyithoko­zela nenkulumo kaMfu Zondo njengoba eyiphethe ngokukhule­kela bonke abebekhona kule ndawo.

Ngemuva komthandaz­o kube sekuqhuma ingoma abantu baqhubeka nenjabulo njengoba bekukhona nabasakazi besiteshi esenza inzuzo, iGagasi FM, okuyibona abebepheth­e uhlelo kanti abanye bebeklwebh­a amapuleti.

Kuvele ukuthi lo mcimbi usuzokwenz­eka minyaka yonke njengoba ubuhlelwe inkampani iNUZ Events.

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ABANTU bawuthokoz­ele umculo obuqhululw­a yizintando­kazi zabaculi ababathand­ayo.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ABANTU bawuthokoz­ele umculo obuqhululw­a yizintando­kazi zabaculi ababathand­ayo.
 ??  ?? UJOOCY ejabulisa abantu emcimbini weLovers and Friends eMoses Mabhida Peoples Park eThekwini ngoMgqibel­o.
UJOOCY ejabulisa abantu emcimbini weLovers and Friends eMoses Mabhida Peoples Park eThekwini ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa