BASISHAYELE IHLOMBE ISIQEPHU SEKHETHELO SOZALO
ABALINGISI bomdlalo owuchungechunge okhonjiswa phakathi nezinsuku kwi-SABC 1, Uzalo, bazishayele ihlombe ngesiqephu sangoLwesihlanu njengoba bekunomcimbi wekhethelo wokubuka lesi siqephu eCoastlands, eMhlanga.
Kulo mcimbi, obekumenywe kuwona izicukuthwane ezahlukene okubalwa abalingisi nabaqondisi balo mdlalo, bekuzobukwa lesi siqephu ebesiyisipesheli esidlale ihora njengoba bekufihlwa uMaNzuza (Leleti Khumalo) noSmangele (Sihle Nadaba).
Ngesikhathi kubukwa lesi siqephu abalingisi bebencoma izinga lokulingisa eligqame kulo mdlalo.
Kwesinye isikhathi bebeze bashaye namakhwelo bekhombisa ukuchazeka.
Abalingisi abakhulume neLANGA ngemuva kwalesi siqephu basichaze njesidlula zonke iziqephu zeminye imidlalo ewuchungechunge esike yakhonjiswa kuleli.
UThabo Mnguni odlala indawo kaMfu Mbhatha kulo mdlalo uthe uyathemba ukuthi abantu basithokozele lesi siqephu njengoba besihlabahlosile.
“Uzalo lusazobamangaza ababukeli ngoba luqhamuka nezinto ezehlukile kwezijwayelekile kanti okuhle kakhulu ngalo mdlalo ukhuluma ngempilo yabantu abajwayelekile emalokishini esikhulele kuwona singabantu abamnyama,” kusho uMnguni.
UGugu Gumede odlala ekaMaMlambo uncome kakhulu ukuzinikela kwabalingisi, abadidiyeli nabaqondisi balo mdlalo.
“Kuhle kakhulu esikubonile abantu mabaqhubeke nokubukela kuningi okuseza njengoba sisanda kuqala isizini entsha,” esho.
U-Ayanda Mthiyane osebenza kwiStainglass, okuyinkampani eqopha lo mdlalo, uthe okwenza lo mdlalo uhambe phambili wukubambisana okukhona phakathi kwazo zonke izinhlaka zangaphakathi.
Ubonge ne-SABC, ikakhulukazi i-SABC 1, ngokusebenza ngokubambisana nabo.
Uzalo luhamba phambili ngababukeli eNingizimu Afrika ngokwezibalo zakamuva ezisanda kuphuma. Sesiphelile lesi siqephu abalingisi bashaye ihlombe bacula nezingoma ezikhombisa ukujabula kwabo.