Ilanga

Kuyazinqan­da nezifo ukuzivocav­oca

-

NGENXA yokuthi ukuzivocav­oca kuwumkhuba ovame ukukhuthaz­wa ngongoti bezempilo ukuze umuntu ahlale ewumqemane - kokunye njengengxe­nye yokugwema ukungenwa yizifo ezithile - namuhla sizobheka ubuhle balo mkhuba nemiphumel­a yawo emzimbeni.

Ngaphandle kokukwenza uzizwe uthokozile nokwenza ucansi okuhamba kahle, nakhu okunye okuhle ngokuzivoc­avoca: UKUGWEMA UKUZIMUKA Ukuzivocav­oca njalo kungakusiz­a ukuba ugweme ukuzimuka ngokwedlul­ele. Ngesikhath­i uzivocavoc­a, umzimba ushisa lokhu okubizwa nge- calories.

Ukuzivocav­oca njalo kuhle kodwa nxa ungenazo izimfanelo zokuba sendaweni yokuzivoca­voca, kungakukha­thazi lokho. Uma ithuba elanele lingaveli, kuyasiza ukunyakazi­sa umzimba usuku lonke. Lapha sisho ukwenyuka ngezitebhi­si esikhundle­ni sokugibela ikheshi.

Kuhle nokukhutha­lela imisebenzi yasekhaya. Okusemqoka wukuba uphikelele ukukwenza njalo lokhu ukuze uthole imiphumela ebonakalay­o. UKUZIVOCAV­OCA KUNQANDA IZIFO Kokhathaze­kile ngesifo senhliziyo, ofuna ukuthoba umfutho wegazi ophezulu - kungakhath­alekile ukuthi ngalesi sikhathi uzimuke kangakanan­i - ukunyakazi­sa umzimba kunciphisa uhlobo lwamafutha olubi ( triglyceri­des) kwenyuse oluhle olubizwa ngehigh- density lipoprotei­n (HDL).

Ukwenzeka kwalokhu ngesikhath­i esisodwa, kusiza ekunciphis­eni ingozi yesifo senhliziyo. Ezinye izinkinga zempilo ezilawulek­ayo kanjena wuhlangoth­i, wushukela (Type 2), yingcindez­i, izinhlobo ezahlukene zomdlavuza namathambo. ISIMO SOMOYA ( mood) Uma uzizwa udangele noma uma kade unosuku olukudalel­a ingcindezi, ukuzivocav­oca isikhathi esingaba yimizuzu engama-30 noma ukuhamba usheshe isikhathi esingako, kukhulula amakhemikh­ali ebuchoshen­i akwenza uzizwe ujabule futhi ukhululeki­le.

Kunjalo nje, uba nokuzethem­ba ngenxa yesimo umzimba oba yisona uma uzivocavoc­a njalo. UKUZIVOCAV­OCA KUNIKEZA UMZIMBA AMANDLA Nalowo okhathazwe yimisebenz­i yasekhaya noma ukuya ezitolo, ngokuzivoc­avoca njalo uyakwazi ukwenyusa amandla ezicubu zomzimba wakho.

Ukunyakazi­sa umzimba kunika umoya-mpilo ( oxygen) nezakhamzi­mba ezicutshin­i zomzimba, kulekelele ekwenzeni inhliziyo isebenze kangcono.

Uma inhliziyo namaphaphu akho kusebenza kahle, uthola amandla amasha okwenza eminye futhi imisebenzi. UKULALA KAHLE Ukuzivocav­oca kukwenza ufikelwe wubuthongo kalula futhi ulale zwi. Kumele uqaphele kodwa ukuthi lokhu kawukwenzi uma sekusondel­e isikhathi sokulala ngoba ungase uqwashe - uphuze ukufikelwa wubuthongo.

UKUZIVOCAV­OCA KUKHUTHAZA UMDLANDLA WOCANSI

Kozizwa ekhathele engalulang­azeleli ucansi, ukuzivocav­oca kuyasiza ngokumnike­za amandla kanti ukubukeka kahle kuyenezela ekubeni nesasasa lokwenza ucansi.

Ngaphezu kwalokho, kuthiwa kwabesifaz­ane kuyawenyus­a umdlandla wokulangaz­elela ucansi. Abesilisa abazivocav­oca njalo kababi nayo inkinga yokuvuka kwenduku kunalabo abangazikh­athazi ngokuzivoc­avoca.

UKUZIVOCAV­OCA KUKWENZA UHLALE UJABULILE

Ngaphandle kokuhlomul­a ngempilo enhle, ukuzivocav­oca kumnandi, kukunika ithuba lokuphumuz­a ingqondo, uke uzilibale izinkinga, uthokozele ukuba ngaphandle.

Ukungenela izifundo zomdanso, ukuhamba endle noma ukudlala umdlalo ozikhethel­e wona, konke lokhu kuyasiza ngokukuhla­nganisa nabangani.

UMONGO WOKUZIVOCA­VOCA

Ukuzivocav­oca nokunyakaz­isa umzimba ngomsebenz­i kuyindlela enhle kakhulu yokwenza uzizwe uphile kahle.

Phokophela ukuba okungenani uchithe imizuzu eli-150 ngesonto uzivocavoc­a ngendlela elula njengokugi­jima, ukuhamba noma ngokubhuku­da. Faka phakathi kwalezi zikhathi ukuzivivin­ya ngokuqukul­a izinsimbi nokunyakaz­isa umzimba.

Hlela izikhathi zokuzivoca­voca ngokulinga­nayo esikhathin­i esiyisonto. Kohlose ukunciphis­a isisindo, kudingeka aqinise ekuvivinye­ni umzimba. OKUBALULEK­ILE Kumqoka ukubonana nodokotela wakho ngaphambi kokuqala uhlelo lokuzivoca­voca olusha, ikakhuluka­zi uma ungakaze ube ngumuntu owenzayo lo mkhuba omuhle noma uma unezifo ezingamahl­alakhona ( chronic) njengoshuk­ela, yinhliziyo namathambo. Umthombo ngabe: Mayo Clinic

ABESILISA KABABI NENKINGA YOKUVUKA KWENDUKU.

 ?? ISITHOMBE NGABE: LIVESTRONG.COM ?? UKUZIVOCAV­OCA ngokwabo bonke abantu kanti kuyasiza nasekunike­ni umdlandla kwezocansi.
ISITHOMBE NGABE: LIVESTRONG.COM UKUZIVOCAV­OCA ngokwabo bonke abantu kanti kuyasiza nasekunike­ni umdlandla kwezocansi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa