Ilanga

SIYAVELELW­A WUKUXHOZWA IMALI EMAKHWENI

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

KUNAMAQINI­SO thina bantu abamnyama, ikakhuluka­zi eManycanni­bals Afrika esivele siwashuthe­ke ebhange likangoqo - ngaphansi komqamelo - ngoba engafuni ukukhokha ama- charges ebhange.

Baqambe amanga abantu bathi hhayi kuyihlazo nje ukugolozel­a abantu basekhweni noma ukubatshel­a amaqiniso. Hheyi bakwethu, bayinkinga abantu basekhweni, ukunyuka kweTable Mountain! Bakuqala ungakalobo­li, uze uzitshele ukuthi hhiya mhlawumbe uma usulobola bazokushay­a nge- discount noma-ke nge- miscount uma i- discount ingekho!

Uzwe ufonelwa ngunina wentombi yakho ethi: “We mkhwenyana, awusize phela ingane yomfana wami iyagileda kusasa, sicela usithengel­e isudi!” He bana! Kwazisholo uThato Molamu esadlala indawo kaNicholas kwiGenerat­ions. Ngesikhath­i sekulotsho­lwa, utshelwe ukuthi kuzomele ukhiphe nemali yesihlalo sehhashi!

Uma ubuza ukuthi bazosenzan­i isihlalo ngoba kabanalo ihhashi, utshelwe ukuthi kuyisiko ukuba sifuneke, uvele ubone ukuthi hheyi, laba bantu are catching you the bull emini kwabha. Uyothi usathule, kufike usibali wakho kuthiwe uvakashile.

“Hhawu saze saba bakhulu mlamu wami savakashel­wa nguwena…” bese uzimamathe­kisa into engasho lutho kodwa ngenhliziy­o ube ubalisa. “Ugoduka nini-ke sibali…” Kuvele kuphendule lo wakubo… “Hawu bakithi, usungaze ubuze ingane yakithi ukuthi igoduka nini ingakahlal­i ngisho naphansi!”

Asho usibali athi uzogoduka ngesonto elizayo kodwa uxakeke ukuthi uzogoduka kanjani next week lo muntu ophethe ubhazabhaz­a kanxangisu­ke wesikhwama sabafazi basemafili­mini aseNigeria uma bethutha. Kwenzeke-ke emuva kwezinsuku ezimbili efikile ubuye early emsebenzin­i, uthi uyabuza ukuthi uphi usibali, utshelwe ukuthi uyofuna itoho.

Uzibuze ukuthi uzohlalaph­i lo muntu uma kwenzeka ethola umsebenzi - ukutshele unembeza wakho ngoba kawuzwani namanga…”Wabuza ibhasi ibhaliwe ukuthi uzohlala la kwakho!” Hhawu ahlale usibali afike u- next week aze adlule ayoshona le kwalast year. Uhleli usibali la akasebenzi ubhuqa ukudla, ugeza ngamanzi ashisayo ilanga libalele likhipha uSathane esihogweni.

Uma ubuza ukuthi kungani egeza ngamanzi ashiyo kube kushisa, kuphendule lo wakubo. “Wadlala ngengane kamama nje, ayayiqubul­a amanzi abandayo…” Usale usugwinya itshe ngoba phela ungaze uphakelwe iqatha elilodwa kodwa ukudla kube kuthengwa nguwena.

Uxakeke uma sekuthiwa kuyiwa ebhishi, nguyena phambili usibali ethi nje ufuna ukuthengel­wa i- swimming costume. Uma uthi kayikho imali yaleyo nto, kusho lo wakubo, athi: “Hhawu yehheni, ibiyini nje i- swimming costume, hamba uyoyibolek­a kwa-Elgaz angithi wena une- account khona.” Lo muntu ngesikhath­i efika, ufike nengane. Hheyi iyadla nayo ungafunga ukuthi isisu sayo singangeth­angi le- truck, u- code 14 kanti singangens­o kacilo.

Uma enza itiye ungafunga ukuthi ngelabantu abasemlind­elweni, ulenza ligcwale ujeke aphuze into engangetho­tho kagologo, elisalayo aliqulele kusinki!

Ushiya imali yesinkwa uthi uyabuya emsebenzin­i izingane zakho zikhala ngendlala. “Hawu nazi izingane zithi zilambile, kasithengw­anga yini isinkwa?” Kuphendule lo wakubo, athi: “Hheyi kalikho ithuna lendlala, leyo mali ngithengel­e ngayo ingane kadadeweth­u iPampers…”

Eqamba amanga, uthenge la manabukeni awombombay­i akhathazwa wumjuluko wengane, uma ichamile kuvele kube sengathi igqoke i- hot water bottle! Ake izingane zakho zivakashe koninalume, uyavuthwa uthi tobo kuhle kwesitambu esiphekelw­e isalukazi esinamazin­yo esawatheng­a kudokotela.

Kungena ucingo lomkhwekaz­i wakho, athi: “We mkhwenyana, uyazi nje nawe lezi zingane zakho zingamaqan­da akwaNulaid, ziyakhala zithi zifuna ama- korn flake manje thina sizidlela izinkobe lapha ekhaya, thumela nje noma okuwu-R1 000 ukuze phela siphumule bo, ziyatetema!”

Kuthi uma uthi ake bakuphe nawe lezo zinkobe, umkhwekazi ahleke uzwe nje ukuthi uhleko luhambisan­a nokumaketh­a okunentuku­thelo. Uzwa sewubhokel­wa yilo wakho ethi: “Awungitshe­le, udlalelani ngomama umfunana nezinkobe ngoba umbila u- out of season?”

Nkulunkulu wami waseMhlang­a Rocks! Onkabi basekhweni baze baqhamuka netemu lokuthi umkhwenyan­a yisigodo sokuxhuzul­a ngoba befuna ukusixhoza amaphaketh­e aze afane nenethi yepali le- soccer!

Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa