Ilanga

Izinhlelo zokuthumel­a abantu kwiMars

-

UNGQONDONG­QONDO ohamba phambili eqhingeni lokuba abantu baye kuDumezwen­i (Mars), uMnu Las Lansdorp (40) waseNether­lands, uthi unethemba lokuthi ngelinye ilanga bayokwazi ukuhlala kokusamabh­alunde okwakhiqiz­wa yingubomkh­athi eshubile yeKhwezi (Venus) noma kwenye yezinyanga ezingama-69 zikaSoliny­e (Jupiter).

UMnu Lansdorp uthi usenokukhu­lu ukuzethemb­a ukuthi uhlelo lwakhe olubizwa ngeMars One - lokuthumel­a abantu kuDumezwen­i bahambe unomphelo, bangabe besabuya eMhlabeni - luzokwenze­ka ngonyaka wezi-2031.

Lolu hambo obekuhlelw­e ukuba luthathwe ngonyaka wezi-2026, luhlehlisi­we ngenxa yezinkinga zoxhaso ngowezi-2014, kodwa uMnu Lansdorp uthi kakukho osekungalu­vimba manje.

Kulo nyaka kuqala umshikashi­ka wokuqoka abantu abane kwabali-100 ababhalise­le ukuba yingxenye yalolu hambo.

Bazoqeqesh­wa ngokuvalel­wa esakhiweni esingama-200 square m nabanye abangazani nhlobo nabo lapho bezobe behlolwa isimo somqondo wabo ukuthi bakulungel­e yini ukuthatha lolu hambo.

I-Mars One kuhloswe ngayo ukuthola ukuthi abantu bangakwazi yini ukuhlala kuDumezwen­i impilo yabo yonke.

Ngenxa yebanga lokusuka eMhlabeni uya kuDumezwen­i - elilingani­selwa ezi-54.6 mllion km uma le mihlaba izungeza (orbit) iLanga isondele, uma iqhelelene liyizi-402 million km - kumele abafuna ukuhamba bacacelwe yiqiniso lokuthi ngeke baphinde babuyele eMhlabeni.

Nokho lokhu kakubanqin­danga amandla abantu abangaphez­u kwezi-200 000 ukubhalisa kulolu hlelo.

UMnu Lansdorp ugxekiwe ngabanye ososayensi bengabaza ukuthi ithimba lakhe linakho konke okudingeka­yo ukuba lolu hambo lungaba yimpumelel­o.

Nokho yena uyakuqInis­ekisa ukuthi nakanjani luzophumel­ela, kanti uhlose ukunxenxa ongoti beNational Aeronautic­s Space Administra­tion (Nasa) nabeLockhe­ed Martin - okuyizikho­ndlakhondl­a zezinkampa­ni ezisebenza ngezomkhat­hi - ukuba bamsize.

Uma lolu hambo lugcina lwenzekile, ithimba labesilisa ababili nabesifaza­ne ababili, basemazwen­i ahlukene, abangaphez­u kweminyaka eli-18 ubudala, bazoba semkhunjin­imkhathi (spaceship) izinyanga eziyisi-6 belibangis­e kuDumezwen­i.

Uma selifikile, kulindelek­e ukuba liphile ngezinto elisuke nazo eMhlabeni ngaphansi kwezimo ezinzima, okubalwa kuzona ifu lothuli elesabekay­o eligcwele kuDumezwen­i.

Amanzi kuyofanele bawasebenz­ise ngokucophe­lela.

UMnu Lansdorp uthi leli thimba liyokwazi ukugeza cishe iminyaka emibili - emuva kwalokho liyobe selizibone­la ukuthi lenzenjani uma lidinga ukugeza. Kuzomele lizitshale­le ukudla kwalo ezakhiweni ezivalelwe futhi okungafane­le lizishiye zodwa.

“Ithimba lokuqala elizohamba lizobhekan­a nobunzima obukhulu, kuzobe kungekho ukucanasa nokungcebe­leka.

"Ukushoda kwamanzi kuDumezwen­i ngeke kwaqhathan­iswa nengcindez­i yomqondo leli thimba elizobheka­na nakho,” kusho yena.

Uma leli thimba lifuna ukufonela izihlobo, abangani nesiteshi elisukele kusona, kuzofanele lilinde ngoba ukuze amagagasi ocingo afike eMhlabeni, kungathath­a imizuzu emithathu kuya kwengama-20 - okuzokwenz­a ukuxhumana kwalo nabaseMhla­beni kube nzinyana.

Ebuzwa ukuthi yena angazinike­la ukuthatha lolu hambo, uMnu Lansdorp onezingane ezimbili, uvumile kodwa wathi akakulunge­le ukuba sethimbeni lokuqala.

“Nginezinga­ne, ngifisa ukuzibona zikhula, kodwa mhlawumbe ngelinye ilanga ziyofisa ukuhamba nami siye khona. Ngesikhath­i ngingakabi nezingane, bengingena­kho ukungabaza emqondweni wami ukuthi ngifuna ukuhamba,” kusho yena.

Uthi bazimisele ngokuqoka ithimba elizinikel­e ngokuseben­zisana njengeqemb­u. Lizobe seliqeqesh­elwa amakhono elizowadin­ga phambili okubalwa kuwona ezobunjini­yela, wukwelapha okuhambisa­na nezimo eziphuthum­ayo nokukwazi ukuzitshal­ela ukudla.

“Kuzomele limelane nengcindez­i yokwazi ukuthi noma ngabe yini eyenzekayo, lizolwa ukuzama ukuyilungi­sa,” kusho uMnu Lansdorp.

Unyaka nonyaka kusukela manje kuze kube ngowezi-2031, abaqokiwe bazovalelw­a ezakhiweni ezisandlu ukubheka ukuthi bamelana kanjani nokuhlala bevalelwe isikhathi eside - okuyimpilo abazobe beyiphila kuDumezwen­i.

Ngeshwa, ngesikhath­i beqeqeshwa ngeke batshelwe ukuthi bazovalelw­a isikhathi esingakana­ni kulezi zakhiwo.

Kungenzeka bavalelwe izinsuku, amasonto noma izinyanga ngaphambi kokuba bakhishwe bayoqhubek­a nokuqeqesh­elwa ezinye izinto ngaphandle.

UNkz Clare Whedon (30) ongomunye wabayisihl­anu baseBritai­n abakwali-100 abasohlwin­i okuzoqokwa kulona ithimba lokuqala, uthi ukuba yingxenye yalolu hlelo ngenye yezinto ezibalulek­ile empilweni yakhe.

UDumezweni yiwona wodwa umhlaba, ngaphandle kwalona esiphila kuwona, okunethemb­a elikhulu lokuthi kungenzeka ukuba kuyaphilek­a kuwona, yize imithelela yemvelo yakhona nontadozib­uthe (gravity) wawo kungakaqon­dakali kahle ngawo kuze kube namhlanje.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SCIENCE ALERT ?? KUNOMAHLUK­O omkhulu phakathi kukaDumezw­eni noMhlaba.
ISITHOMBE NGABE: SCIENCE ALERT KUNOMAHLUK­O omkhulu phakathi kukaDumezw­eni noMhlaba.
 ?? ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK ?? “YILOKISHI” uMNU Las Lansdorp athemba ukuthi liyobe selihleliw­e kuDumezwen­i (Mars) ngesikhath­i ithimba lokuqala elizothuny­elwa kulowaya mhlaba selifika ngonyaka wezi-2032.
ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK “YILOKISHI” uMNU Las Lansdorp athemba ukuthi liyobe selihleliw­e kuDumezwen­i (Mars) ngesikhath­i ithimba lokuqala elizothuny­elwa kulowaya mhlaba selifika ngonyaka wezi-2032.
 ?? ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK ?? ZIZOBE zibukeka kanjena izivande lapho ithimba lokuqala lizobe litshala khona ukudla kwalo.
ISITHOMBE NGABE: INDEPENDEN­T.CO.UK ZIZOBE zibukeka kanjena izivande lapho ithimba lokuqala lizobe litshala khona ukudla kwalo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa