Ilanga

OKUNYE NGE-MARS

-

Ngenxa yokuthi untandozib­uthe kaDumezwen­i (Mars) mncane kunowoMhla­ba, isisindo somuntu sehla ngama-28.1 kg. Uma umuntu enesisindo esingama-48.3kg lapha eMhlabeni, kuDumezwen­i siba li-17.3kg, okungadala ukuthi ubelula kakhulu.

Lokhu kwenza ukuba uma uhamba ebuswenimh­laba (surface) bukaDumezw­eni kube sengathi uyagxuma.

Ngokuqala kukaMasing­ana (January), ososayensi bathole okuthile abakholwa wukuthi ngamakhekh­eba eqhwa agcwele kulowaya mhlaba okunike ithemba ngempilo kuwona.

Kuzothunye­lwa inqwaba yeziphuphu­theki (spacecraft) ezingenamu­ntu phakathi ngaphambi kokuthunye­lwa kwethimba lokuqala.

Ukuze kutholakal­e imali ewu-R69 billion yokwenza iMars One ibe yimpumelel­o, uMnu Lansdorp usethole osomabhizi­sini abazodayis­a amalungelo okuba kuboniswe izithombe-mazwibela (footage) zale projekthi.

UDumezweni neKhwezi ngeminye imihlaba eseKuphaka­meni (Goldilock Zone) - okuyisiyin­gi esivumela impilo thina zidalwa ezingabant­u esiyaziyo.

Nokho ngenxa yezimo ezithile, le mihlaba emibili kakulula ukuba abantu bangaphila kuyona. Njengoba ukusuka eLangeni uya eMhlabeni kuwu-1 Astronomic­al Unit (AU) okulingani­selwa ezi-150 000 000 km, uKuphakama kuyi-0.99 AU (148 000 000) kuya e-1.77AU (264.7 million km).

Njengoba sike saloba phambili ngesikhath­i sikhuluma ngeLanga ukuthi liyakhukhu­mala - ngelinye ilanga liyoze lifike lapho kuzungeza khona uMhlaba - ngokunjalo noKuphakam­a kuyogcina kungaqali e-0.99 AU futhi kungagcini e-1.77 AU. Umthombo ngabe: independen­t.co.uk

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa