OKUNYE NGE-MARS
Ngenxa yokuthi untandozibuthe kaDumezweni (Mars) mncane kunowoMhlaba, isisindo somuntu sehla ngama-28.1 kg. Uma umuntu enesisindo esingama-48.3kg lapha eMhlabeni, kuDumezweni siba li-17.3kg, okungadala ukuthi ubelula kakhulu.
Lokhu kwenza ukuba uma uhamba ebuswenimhlaba (surface) bukaDumezweni kube sengathi uyagxuma.
Ngokuqala kukaMasingana (January), ososayensi bathole okuthile abakholwa wukuthi ngamakhekheba eqhwa agcwele kulowaya mhlaba okunike ithemba ngempilo kuwona.
Kuzothunyelwa inqwaba yeziphuphutheki (spacecraft) ezingenamuntu phakathi ngaphambi kokuthunyelwa kwethimba lokuqala.
Ukuze kutholakale imali ewu-R69 billion yokwenza iMars One ibe yimpumelelo, uMnu Lansdorp usethole osomabhizisini abazodayisa amalungelo okuba kuboniswe izithombe-mazwibela (footage) zale projekthi.
UDumezweni neKhwezi ngeminye imihlaba eseKuphakameni (Goldilock Zone) - okuyisiyingi esivumela impilo thina zidalwa ezingabantu esiyaziyo.
Nokho ngenxa yezimo ezithile, le mihlaba emibili kakulula ukuba abantu bangaphila kuyona. Njengoba ukusuka eLangeni uya eMhlabeni kuwu-1 Astronomical Unit (AU) okulinganiselwa ezi-150 000 000 km, uKuphakama kuyi-0.99 AU (148 000 000) kuya e-1.77AU (264.7 million km).
Njengoba sike saloba phambili ngesikhathi sikhuluma ngeLanga ukuthi liyakhukhumala - ngelinye ilanga liyoze lifike lapho kuzungeza khona uMhlaba - ngokunjalo noKuphakama kuyogcina kungaqali e-0.99 AU futhi kungagcini e-1.77 AU. Umthombo ngabe: independent.co.uk