Ilanga

IZINKANYEZ­I SEBASTIAN JILI

-

NGABE UZALWA NAMUHLA? UMA kumele uzithobe ngamaphuth­a enzekile, ungangabaz­i ukwenza lokho. Imiyalelo yonke yakho oyithathay­o ingaba ngebalulek­ile futhi idale izinguquko lapho kufanele khona.

ARIES (March 21-April 19)

UZOKWAZI ukwakha amasu aphuthumay­o ahambisana nesimo okusona. Kumele ulangazele­le ukuba nolwazi olunzulu ngokwenzek­a eduze kwakho.

TAURUS (April 20-May 20)

UYAZIBONA ukuthi kawunalo kahle iqiniso kwezinye izindaba ezithinta ubudlelwan­o. Amandla akho okufeza impokophel­elo onayo kumele uwavikele kakhulu kunakuqala.

GEMINI (May 21-June 21)

LAPHO ohamba khona, kumele uwahogele amathuba empumelelo. Gwema ukuthathel­a izinto phezulu.

CANCER (June 21-July 22)

UMQONDO wakho kumele uwukhulule emaphuthen­i amadala. Ukuvuthwa komqondo wakho kungavukuz­a izindima ezithile.

LEO (July 23-August 22)

UNGALINGE uzibambeze­le ngokuhlala ezweni lokukhatha­zeka kodwa kumele usukume ulungise izinto ezingalung­ile eziqondene nawe.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UNOMQONDO osabalele ongakwenza ufise ukusabalal­isa ulwazi onalo. Kuzomele usebenze kakhulu ngalokho okuhambisa­na nemizwa yakho nonembeza wakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUNINGI okungabalu­lekile okuthanda ukukuphaza­misa kulokhu okuhlosile. Kuzodingek­a isineke ukulungisa izinkinga ezincane eziphazami­sile.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

KUNEMIGUDU okumele uyilandele ngale kokucabang­a ngezindlel­a ezinqamule­layo. Ezinye izimo zobudlelwa­no bakho ubuye ubone sengathi zikufaka ezindlekwe­ni.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

AMATHUBA amaningi abheke ukunyakaza kwakho. Uthando lwakho lubuye lukwenze ucabange ujule ngokomqond­o.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UYAKWAZI ukulwa nezimo ezahlukene zempilo. Indlela ocabanga ngayo izonyakany­iswa yilokhu okwenzeka empilweni yakho ngendlela engajwayel­ekile.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNEZIBOPHO ezahlukene okumele uzifeze, ikakhuluka­zi esokugcina izethembis­o kubantu abahlukene. Imibono onayo kumele uyiphendul­e ibe yizinhloso eziphathek­ayo.

PISCES (Feb 19-March 20)

LOKHU okwenza ngokubambi­sana nabanye nakanjani kumele kube impumelelo. Ikusasa lakho likhombisa ukuqhakaza okukhulu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa