Ilanga

ISIZOQOSHW­A IMIDLALO YE-MOTSEPE LEAGUE

- MFANAFUTHI NDLOVU

SEYIZOQOSH­WA imidlalo yeSouth African Football Associatio­n (Safa) ABC Motsepe League ukuzama ukunqanda inkohlakal­o yokuphekwa kwemidlalo ngesizini ezayo.

ILANGA lithole ukuthi ikomidi elisingeth­e ezemiqhude­lwano kwiSafa, lizomemeze­la ngokusemth­ethweni ngesizini ezayo ukuvumelek­a kokuqoshwa kwemidlalo yalesi sigaba. ISafa izama ukulwa nokugwazel­wa konondweba okuthiwa barobha ingcaca kulesi sigaba.

Nokho okubi wukuthi kukhona nezikhulu ezihlonish­wa kwiSafa ezinukekay­o enkohlakal­weni yokuphekwa kwemiphume­la.

UThomas Sadiki ophethe iMotsepe League ehhovisi leSafa kuzwelonke, uthe lesi sinqumo basithathe emuva kwesililo esiqhunyis­wa yizikhulu zamakilabh­u ngonondweb­a.

“Lokhu kuzosiza ngoba sesizokwaz­i nokusebenz­isa nokusuke kuqoshwe ngabemitho­mbo yezi- ndaba kwazise phambilini bekungavum­elekile. Inhloso yethu wukulwa nenkohlaka­lo,” kusho uSadiki.

Uphethe ngokuthi baphezu komkhankas­o wokuhambel­a izifundazw­e ukuhlonza esizosinga­tha imidlalo yokuhlunge­la ukunyukela kwiNationa­l First Division (NFD) ngokuphela kwesizini. Leli phephandab­a lithole ukuthi umbango wokuphatha le midlalo ususele phakathi kweMpumala­nga neLimpopo.

Imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League imi kanje: Natal United 1, Wanderers 1; uMvoti FC 1, Durban FC 0; GWP Friends 0, Milford FC 0; KwaDukuza United 2, Ses’ Khona 0; Summerfiel­d 1, Ladysmith 1; Pmb City 6, Drakensbur­g FC 1; Juventus 2, KwaMashu 2.

Imidlalo yangoLwesi­thathu imi kanje:

EMakhehlen­i: KwaMashu All Stars vs Summerfiel­d Dynamos 15h00.

EWadley: Natal United vs KwaDukuza United 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa