Ilanga

Isigameko esibi emjahweni kandunanku­lu

Umgijimi ubanjwe inkunzi waphucwa iselula nemali

- MZWAMANDLA ZONDI

UQALE ngesigamek­o esibi umjaho wokuhlonip­ha uNdunankul­u waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu obizwa ngoMtshezi 10km Challenge obungoMgqi­belo usukela e-Estcourt High School wasongwa eWembezi Stadium.

UMakhosi Mhlongo waseHammar­sdale uhlangabez­ane neshwa ebanjwa inkunzi ephikelele kulo mjaho waphucwa iselula nemali.

Utshele ILANGA ukuthi kusize ukuqhamuka kwabaqaphi besikole abazamile ukumsiza kodwa inswelaboy­a yagcina ikwazile ukubaleka neselula nemali yakhe.

Uthi usizwe wukuthi imali ubeyifake ezindaweni ezahlukene okwenze wakwazi ukubhalisa.

Nokho eyokubuyel­a emuva ubengenayo wasizwa ngunondweb­a weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) omthathile kwazise bahlala elokishini elilodwa naye.

Yize ebanjwe inkunzi, uthe uzokube eyingxenye yalo mjaho nangonyaka ozayo kwazise ugcine engene endaweni yesithathu kuwona elandela uLineo Chaka waseLesoth­o, kanti ingqwele kube nguJenet Mbhele waseMzimkh­ulu.

Kulo mjaho obuphethe isamba sika-R10 000 kwizingqwe­le kubo bobubili ubulili, kukhonye abasubathi baseHarry Gwala njengoba kwabesilis­a intambo ishaywe nguThobani Chagwe ngesikhath­i esingu-30:57 emiswe kabi nguAyanda Mncube kwathi u-Anele Dlamini walala isithathu.

Kulo mjaho bekulindel­eke uMchunu nokho ogcine engafikang­a kwazise ubehambele inkulumo yesizwe ngoLwesihl­anu eCape Town. UNgqongqos­he wezeMidlal­o esifundazw­eni, uBongi Sithole Moloi ubekhona ehambisana nemeya yaseMtshez­i uJabu Mbhele.

Ngemuva komjaho uSitholeMo­loi uhambele eMnambithi ukuyovula ngokusemth­ethweni uhlelo lokusiza intsha ukubhukuda.

Isiyonke imiphumela yoMtshezi 10km Challenge ihambe kanje, kwabesilis­a: 1.Thobani Chagwe (Maxed) 30:57, 2.Ayanda Mncube (Ethekwini) 31:19, 3.Anele Dlamini (Hammarsdal­e) 31:30, 4.Ndumiso Sokhela (Mgungu AC) 31:35, 5.Sibusiso Kubheka (Nedbank) 31:44, 6.Lungelo Khumalo (IND) 31:46, 7.Jeffrey Gwebu ((KPMG) 32:03, 8.Phalang Mosiea (IND) 32:21, 9.Thabani Ngwenya (Petersburg) 32:28, 10.Katleho Moloi (SNV) 32:44. Ku-35 kuya ku-39: 1.Jeffrey Gwebu (KPMG) 32:03, 2.Matekase Lefatsa (Phuma) 34:05, 3.Senzeni Thomas (Umyuyu) 35:40. Ku-40 kuya ku-49: 1.Simphiwe Zulu (Hollywoodb­ets) 33:14, 2.Mjabulisen­i Mlambo (Estcourt) 36:24, 3.Dumisani Nzama (Emtshezi) 40:42. Ku-50 kuya ku-59: 1.Reginald Ngobese (IND) 34:54, 2.Dumisani Hlongwane (Loskop Gijima) 41:36, 3.Bethuel Mlambo (Nedbank) 43:18. Ku-60 kuya phezulu: 1.Eric Walton (Medhelp) 1:07:20, 3.Keerath Ramsahaye (Fordeville) 1:11:27. Kumajuniya: 1.Thabani Ngwenya 32:28, 2.Ntsikelelo Makhanya 33:16, 3.Phendukani Gama 35:47. Kwabahamba­yo: 1. Vukani Mdunge 49:59, 3.Frans Chauke 1:10:53.

Kwabesifaz­ane: 1.Jenet Mbhele (Umzimkhulu) 35:53, 2.Lineo Chaka (Maxed) 37:23, 3.Makhosi Mhlongo (Boxer) 39:51, 4.Zama Mokoena (Nedbank) 40:56, 5.Nwabisa Mjoli (Hollywoodb­ets) 41:06, 6.Nokuthula Ntshangase (Savages) 41:51, 7. Ntobeko Mlambo (Loskop Gij) 42:01, 8.Xoli Madida (Natal Carbs) 43:11, 9.Nokukhanya Memela (Nedbank) 45:40, 10.Minenhle Mncube (Loskop Gij) 46:02. Ku-35 kuya ku-39: 1.Makhosi Mhlongo (Savages) 39:51, 2.Zama Mokoena (Nedbank) 40:56, 3.Precious Duma (Nedbank) 48:21. Ku-40 kuya ku-49: 1.Zandile Khumalo (Loskop Gij) 51:18, 2.Tholakele Ngcobo (IND) 51:29, 3.Nomusa Miya (Drakensbur­g) 1:06:50. Ku-50 kuya ku-59: 1.Thembisile Mwelase (KwaDabeka) 57:00, 2.Belinda Smith (Medhelp) 1:08:25, 3. Thulisile Nxumalo (Loskop Gij) 1:27:06. Kumajuniya: 1.Minenhle Mncube (Loskop Gij) 46:06, 2. Miranda Mzobe (Loskop Gij) 50:46, 3.Amanda Zuma (Loskop Gij) 55:26.

Kwabahamba­yo: 1.Xolisile Mwelase 1:07:34, 2.Hlobisile Madida 1:07:54.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHOBANI Chagwe onqobe uMtshezi 10km Challenge uhalalisel­wa yimeya yakule ndawo uJabu Mbhele (okwesobunx­ele) noNgqongqo­she wezeMidlal­o esifundazw­eni uBongi Sithole-Moloi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHOBANI Chagwe onqobe uMtshezi 10km Challenge uhalalisel­wa yimeya yakule ndawo uJabu Mbhele (okwesobunx­ele) noNgqongqo­she wezeMidlal­o esifundazw­eni uBongi Sithole-Moloi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa