USIKAZWA ETHEKWINI OWE-EAGLES NE-PMB UTD KWI-NEDBANK
BANGASE behlelwe yizindaba ezibuhlungu abathandi bebhola baseMgungundlovu njengoba kuputshuka ukuthi amakilabhu akule ndawo azowugijimela eThekwini umdlalo weNedbank Cup yize esebenzisa iHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ukudlala eyeligi.
IPremier Soccer League (PSL) ngeledlule iqhathe amakilabhu azogadulisana kwi- last 16 yeNedbank Cup.
IRoyal Eagles egijima kwiNational First Division (NFD) itonyulwe neMaritzburg United edlala kwi-Absa Premiership. La makilabhu ayigijima eHarry Gwala Stadium imidlalo yawo yeligi yasekhaya.
IMaritzburg ihlule AmaZulu FC ngo-2-0 ngoLwesihlanu ebusuku koweAbsa Premiership eHarry Gwala Stadium, i-Eagles yabambana noThongathi FC ngo-1-1 koweNFD kuyona le nkundla ngoMgqibelo ntambama.
ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi i-Eagles njengoba kuyiyona etonyulwe ukudlalela ekhaya, ifake isicelo sokuyisa lo mdlalo ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Umthombo uthe: “Kuyilungelo layo njengoba le nkundla iyibhalise njengeyayo yesibili uma kunenkinga eHarry Gwala.
Okuthusayo wukuthi akunalutho olwenzeka eHarry Gwala ukuthi seyingaze isuse lo mdlalo khona iwuyise eThekwini.
Ngizwela kakhulu abantu baseMgungundlovu abazithandela ibhola nje ngoba yibona abazoncisheka ithuba lokubuka la makilabhu edolobheni lawo njengoba engawendawo.
“Masethembe kodwa ukuthi mhlawumbe kuzovela okunye uma sekumenyezelwa izinkundla nezikhathi kusasa (namuhla ngoMsombuluko). Phela bekuzoqopheka umlando kule nkundla ukuthi la makilabhu angomkhaya abhekane kuleli dolobha kowomkhumulajezi.”
ULuxolo “Lux” September wezokuxhumana kwiPSL ebuzwa ngalolu daba, uthe:
“Okwamanje akukho engingakusho ngoba iPSL izomemezela kusasa (namuhla ngoMsombuluko) ukuthi kuzodlalelwa kuziphi izinkundla.
"Ngeke ngikwazi ukukutshela ukuthi i-Eagles inqume ukudlalela kuphi kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ike yakuhlongoza ukuthi ifuna ukudlala eThekwini ukuthi kugcine kanjani ngeke ngikwazi ukukutshela.”