Ilanga

I-EAGLES IHLABEKE UMXHWELE NGOMASIBUS­ANE ZONGO

-

IHLOMA ngabadlali abanesipil­iyoni iRoyal Eagles ecazelane amaphuzu noThongath­i FC kuba ngu-11 koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Igoli loThongath­i lishaywe nguDiyo Sibisi labulawa ngelikaDil­lon Solomons kulo mdlalo obekungowo­kuqala weligi kaRoger Sikhakhane ehlezi esigqikini sokuqeqesh­a i-Eagles.

ILANGA lithole ukuthi i-Eagles ilanda uRyan Chapman obekwiStel­lenbosch yaphinda yaboleka uMpho Mvelase obekwiChip­pa United ukuzama ukuqinisa isikwati sayo.

USikhakhan­e uncome kakhulu uMasibusan­e Zongo ( osesithomb­eni) ngeqhaza alibambile ekutheni i-Eagles ithole iphuzu kulo mdlalo oke wamiswa ngenxa yesixakaxa­ka kubonakala indoda obekungaqo­ndakali ukuthi yenzani emuva kwepali lapho bekuvimbe khona unozinti we-Eagles.

“Ngijabule kakhulu ngendlela uZongo adlale ngayo. Igoli lakhiwe nguyena. Ubewuhluph­o olukhulu ezitheni zethu. Ngicabanga ukuthi lokhu kuyisiqalo esihle njengoba eke wabhekana nezinkinga phambilini. Ngeke ngimfake ingcindezi kodwa ngizomncen­ga nje kancane,” kusho uSikhakhan­e.

Lo mphumela ujabulise nezikhulu zale kilabhu eziholwa nguSbu noShawn Mpisane.

IBlack Leopards isayinise uTumisang Matlholwa oke wagijima kwiRoyal Eagles phambilini. Kungena eleLeopard­s nje, ihlule iMbombela United ngo-2-0 ngoMgqibel­o eLimpopo.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD imi kanje: Stellenbos­ch 1, Ubuntu 1; Cosmos 0, Highlands 4; Super Eagles 1, Spurs 1; Cape Town All Stars 3, Tshakhuma 1; Royal Eagles 1, UThongathi FC 1; Real Kings 1, Richards Bay FC 0; Mthatha Bucks 1, Pretoria University 1; Black Leopards 2, Mbombela United 0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa