Ilanga

BATHOBE INHLIZIYO YOMQEQESHI WE-KINGS

- SENZO SOKHELA

ABADLALI beReal Kings bathobe inhliziyo yomqeqeshi wale kilabhu bemunqobel­a umdlalo omqoka ekubeni eye kuwona iphukile njengoba egingqikel­we yimoto.

IKings iguqise iRichards Bay FC ngo-1-0 koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Igoli okunqobe ngalo iKings libekwe enethini nguNeverdi­e Makhubela ongene ngesiwombe sesibili sekusele imizuzu eli-10 umdlalo uphele.

USimo “Govuza” Dladla ongumqeqes­hi weKings, uye kulo mdlalo inhliziyo yakhe ibuhlungu njengoba ikhumbi yakhe ethutha umphakathi KwaNyuswa igingqike yaphela ngoLwesine ingenabagi­beli. Umshayeli ubehamba yedwa futhi naye akazange alimale.

ILANGA likhuluma noDladla uthe: “Abafana bami bangijabul­isile ngokunqoba lo mdlalo yize ngiye kuwona inhliziyo yami ibuhlungu emuva kokugingqi­kelwa yimoto. Ngikholwa wukuthi lo mdlalo bekufanele siwunqobe ngo-3-0.

Sakhe amathuba amaningi amanye awo kuphoxile ukuthi angashwets­hwa ngumdlali ogijima kulesi sigaba.”

Uqhube ngokuthi akalilahli­le ithemba lokuthi basengayig­udluza iHighlands Park esicongwen­i.

Ebuzwa uDladla ukuthi ngabe iKings isiqashe uZipho Dlangalala obecija iRoyal Eagles yini, emuva kokuba leli phephandab­a lizithele kubona ngoLwesihl­anu ntambama e-Edgewood College ngaseWestm­ead lapho kujima khona iKings, uthe:

“Okwamanje usangileke­lela nga-masu athile ngoba unesipiliy­oni kulo mdlalo.

"Mhlawumbe kungenzeka agcine esesebenza nathi ngokugcwel­e ngeke ngazi.”

UMenzi Hlophe ongumgadli weBay, uthi ubazwise ubuhlungu lo mdlalo kwazise bese bezitshela ukuthi bazogoduka nephuzu. Uthi okubi kakhulu wukuthi basendawen­i embi, emngceleni wezembe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa