Amaphoyisa asezithendeni zababulali
Izigebengu zibaleke ngeveni yawo, zeba nezibhamu ezili-10
IZAKHAMIZI zaseNgcobo, e-Eastern Cape, zixwayiswe ukuba zingazibambeli mathupha ezigebengwini ezihlasele amaphoyisa esesiteshini sawo, zabulala ayisihlanu nesosha kuzosa kube yizolo ngoLwesithathu.
Kusabatshazwa insumansumane yalezi zigebengu ezingene zihlome zizingovolo esiteshini samaphoyisa, zadedela izulu lezandla. Amaphoyisa amathathu ashonele endaweni yesigameko, kwathi amabili zawalayisha evenini yawo zayowabulala. Kuvela ukuthi izidumbu zalawa amabili zitholwe zilahlwe endaweni esebangeni eliyisi-6 km ukusuka kulesi siteshi, zidutshulwe emhlane.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi sezihamba lezi zigebengu, zidibane nesosha ebelizihambela eduze kwesiteshi, lingekho emsebenzini nalo zalidubula lashona zase zibaleka ngayo iveni yamaphoyisa eziyithathe esiteshini. UMkhuzi wamaPhoyisa kuZwelonke, uKhehla Sithole, uthi badumele kakhulu ngokuhlaselwa kwamaphoyisa ngalolu hlobo, wasigxeka kakhulu lesi senzo sezigebengu.
Uthi useqalile ukuhlanganisa ithimba labaseshi elinesipiliyoni eliphenya ngobugebengu eNingizimu Afrika, elizobhekana ngqo naleli cala. Okunye akubalulile wukuthi leli thimba lizosebenzisana nelibheka amacala abucayi ngosizo olwengeziwe lwezindiza.
“Ngeke siphumule kuze kube siyazibamba lezi zigebengu ezi- ngenawo unembeza, bese sizifaka ejele. Laba basolwa abangenalo uzwelo, bazothola isijeziso esiqinile. Ngishaqekile futhi ngidiniwe yisenzo sale migulukudu ehlasele ozakwethu ngalolu hlobo,” kusho yena.
Uthi kunxuswa umphakathi ukuba ulekelele amaphoyisa ngolwazi oluzoholela ekubeni kubanjwe abenzi bobubi. Uveze nokuthi nakuba singaziwa isizathu sokudutshulwa kwamaphoyisa, kodwa sebetholile ukuthi abasolwa bebeqhumise umshini wemali osebangeni elisondelene kakhulu nalesi siteshi samaphoyisa.
Uthi kuthathwe iveni yamaphoyisa esiteshini kwabe sekuntshontshwa nezibhamu ezili-10.
Abafike kuqala endaweni yesigameko bathi kuyabonakala ukuthi laba ababulewe bebejeziswa.
UMkhuzi wamaPhoyisa e-Eastern Cape, uLt General Liziwe Ntshinga, uthi kabukho ubuhlungu obedlula ababuzwe emuva kwalesi sigameko. “Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabasondelene nabalahlekelwe, abangani nozakwabo bala maphoyisa.
"Sizokwenza konke okusemandleni ukuze zitholakale izelelesi ezingawuhloniphi umthetho,” kusho uLt General Ntshinga.
UNgongqoshe wezokuPhepha nokuVikelwa koMphakathi e-Eastern Cape, uNkk Weziwe Tikana, uxwayise umphakathi ukuba ungalinge uzithathele umthetho ngoba abasolwa bayingozi futhi bahlomile. Uthi kunalokho, kungcono umphakathi ulekelele amaphoyisa ukuze abasolwa babanjwe. UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Fikile Mbalula, noMkhuzi wamaPhoyisa, uSithole, bekulindeleke ukuba bavakashele esiteshini saseNgcobo izolo ngoLwesithathu ntambama.
Indelelo yezigebengu yokuhlasela amaphoyisa esesiteshini kayiqali eNingizimu Afrika njengoba kuke kwenzeka ePinetown, eminyakeni ebalelwa kweyisihlanu edlule. Bheka nasekhasini 18