Ilanga

Kubi esalukazin­i esigenciwe

Ngokudembe­sela Umndeni usola amaphoyisa

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

KUBONWA ngokusa esibhedlel­a kowesifaza­ne osekhulile waseKuthul­eni, eMelmoth, okusolwa ukuthi uklajwe ngecelemba yizihlobo zakhe zimnuka ngokuthi uyathakath­a.

UNkk Babhekile Shandu (73) ungenelwe ngabantu esemzini wakhe elele mhla zimbili kule nyanga, bamklabha bamshiya bezitshela ukuthi ufile.

Umndeni wakhe usola amaphoyisa ngokudembe­sela ukusukumel­a lolu daba ngesikhath­i uNkk Shandu ewabikela okokuqala ngabantu abebemsola ngokuthi uyathakath­a baze bamhlasela emzini wakhe.

ILANGA likhulume nendodakaz­i kaNkk Shandu, uNkk Nkosinathi Khanyile, ethi unina ubenukwa ngokuthaka­tha ngezinye izihlobo zakhe. Uthi bese zimhlasele izikhathi eziningi zizama ukumbulala. Bawabikele amaphoyisa ngokuhlase­lwa kwakhe kodwa angathatha zinyathelo.

“Okusikhath­aza kakhulu siwumndeni wukuthi umama ubehlale ewabikela amaphoyisa ngezinsong­o abezithola kulezi zihlobo zethu. Nangesikha­thi zimhlaseli­le, uwabikelil­e kodwa kawazange alusukumel­e lolu daba.

“Nakulesi sigameko samanje, umphenyi wecala simtshelil­e ukuthi ngobani abantu esibasolay­o kulesi sigameko kodwa kuze kube yimanje amaphoyisa kawakayi ukuyopheny­a abasolwa,” kusho uNkk Khanyile.

Utshele leli phephandab­a ukuthi unina uhlala kubo nomuntu abamqashil­e ukuthi ababhekele yena ngenxa yokuthi usekhulile, kunezinto okungaselu­la ukuba azenzele zona.

“Ngosuku ahlaselwe ngalo, umuntu ogada umama ubegodukil­e. Ngenhlanhl­a kunentomba­zane ebesiyicel­ile ukuba iyolala ekhaya ngoba sibalekela khona ukuba asale yedwa, ifike ekhaya sekuhwalel­e.

“Siyasola ukuthi abahlaseli kabayibona­nga intombazan­e, bebezitshe­la ukuthi umama ulele yedwa. Baqale bagqekeza endlini enesigubhu sikagesi bawucisha” kusho yena.

Uthi baqonde ekamelweni unina alala kulona bamklabha bamshiya bezitshela ukuthi ufile.

UNkk Khanyile uthi ngaphambi kokuba abasolwa bangene ekamelweni abelele kulona unina, ukwazile ukumshayel­a ucingo amazise ukuthi kunabantu abagqekeza­yo endlini makamzamel­e usizo ngokushesh­a.

“Ngifonele umfowethu oseduzane ngimtshela ukuthi makaphuthu­me ekhaya kunabantu abahlasela umama. Ngibe sengishaye­la namaphoyis­a nawo azithathel­e isikhathi sawo ukufika. Afike abasolwa sebeshaye bachitha, umama eselimele kanzima. Kuma-nje isimo sakhe kasigculis­i esibhedlel­a ngendlela alimale ngayo,” kusho uNkk Khanyile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thembeka Mbhele, uthi likhona icala elivuliwe lokuzama ukubulala.

Uthi kunabasolw­a abathathiw­e ngoLwesibi­li beyophoswa imibuzo, badedelwa.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: UMNDENI ?? SINZIMA isimo kuNkk Babhekile Shandu (73) esibhedlel­a okusolwa ukuthi uhlahlelwe ngocelemba yizihlobo zakhe ezimsola ngokuthi uyathakath­a.
ISITHOMBE: UMNDENI SINZIMA isimo kuNkk Babhekile Shandu (73) esibhedlel­a okusolwa ukuthi uhlahlelwe ngocelemba yizihlobo zakhe ezimsola ngokuthi uyathakath­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa