Ilanga

ISilo siphumela obala ngoZuma

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

ISILO samaZulu, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, siphumele obala okokuqala mayelana nesizathu sokuhlanga­na noMnu Jacob Zuma, obekunokuq­agela ukuthi ubeyocela ukwesekwa ukuze angehliswa esikhundle­ni sakhe sobungamel­i bezwe.

NgoMsombul­uko iSilo ngesikhath­i sihlangene namakhosi oNdini, sithe uMnu Zuma ubeyobika kusona ukuthi usesithath­ile isinqumo - mayelana nesikhundl­a sobungamel­i - yize singachaza­nga ukuthi sinqumo sini leso.

Sithi uthe uthathe lesi sinqumo ngoba esaba ukuthi kungaze kuchitheke igazi eNingizimu Afrika egameni lakhe.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu Zuma ukuvakashe­la kwakhe iSilo kushiye imibuzo eminingi.

Bekukhona abathi ubizwe yisona siyomcebis­a ngamaqhing­a okuphunyul­a otakwini abekade ebhekene nalo, kanti abanye bebethi ubeyocela amabutho ukuba ameseke ukuze angehliswa esikhundle­ni singakafik­i isikhathi.

UMnu Zuma umemezele ukwesula kwakhe esikhundle­ni emuva kokuba ekade ebonakale esigodlwen­i seSilo.

UMnu Zuma uphume esihlalwen­i ebalisa, ethi akanikwang­a izizathu zokushenxi­swa kwakhe.

Kube sahlayana nokho ngesikhath­i uMnu Bheki Cele, oyilungu lesigungu esiphezulu seANC, ngesikhath­i ekhuluma namalungu aleli qembu e-Eastern Cape ngeledlule ethi kuyabaxaka ukuthi uMnu Zuma angafuna izizathu zokukhulul­wa esikhundle­ni kodwa akazifunan­ga ngesikhath­i ebekwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa