Ilanga

Luyashuba 'olokunikez­ana' izikhundla

UMnu Mathonsi uthi unabo ubufakazi obuphathek­ayo ngakushoyo

- THANDEKA NGOBESE

UYAJIYA udaba lwezinsolo zenkohlaka­lo ezesabisay­o yokunikeza­na ngezikhund­la ngokobunga­ni, kwiSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu), ILANGA elibike ngayo ngoMsombul­uko. NgoLwesibi­li iSadtu KwaZuluNat­al ibize isigcawu sabezindab­a ifuna ukucacisa ngencwadi ebhalwe ngobenguno­bhala wayo, uMnu Mbuyiseni Mathonsi, ekhuluma ngenkohlak­alo okuthiwa iqhutshwa yizikhulu zale nyunyana, ithi zaba izikhundla ngobungani.

ISadtu ikhwele yadilika kuMnu Mathonsi ithi izinsolo azibhekise kuyona ziwukuyihl­asela. Unobhala wale nyunyana kulesi sifundwazw­e, uNkz Nomarashiy­a Caluza, uthi uMnu Mathonsi washiya kwiSadtu ngowezi-2014 eseyoseben­zela ihhovisi lika-ndunankulu.

“Eshiya esikhundle­ni sakhe, ubefuna ukukhetha abantu bakhe ukuba bahole le nyunyana ukuze akwazi ukubalawul­a yize esephumile, okuthe uma kungenzeki, waba yisitha seSadtu. Kuthe noma esephumile esikhundle­ni, kodwa wangayeka ukuhamba exova abantu benyunyana.

"Njalo uma kuzoba nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi, ubumthola esegxambuk­ela ekhuluma ngokufanel­e bakhethwe. Le nyunyana ngeke ize ikuvumele ukulawulwa ngabantu abathile, abangekho kuyona, abebenikiw­e isikhathi sokuyihola kodwa bakhetha ukushiya.

"Sekuyisikh­athi sokuba abantu bazibuze ukuthi kwenziwa yini umuntu obese ekuhulumen­i ezikhundle­ni eziphezulu afune ukubuya azoba nguthishan­hloko wesikole kungekho olubi ahlose ukulwenza. Sikholwa wukuthi ulambele ukuphatha noma kuqokwe abaholi abazothath­a imiyalelo yakhe esingeke sikuvumele,” kusho uNkz Caluza.

ElangoLwes­ibili lishone uMnu Mathonsi esephendul­ile esitatimen­deni seSadtu. Empendulwe­ni ayibhalele ILANGA uMnu Mathonsi, uthe udaba lwenkohlak­alo ulukhulume noNkz Caluza ngqo, kuyaxaka ukuthi kungani engabuyeli kuyena nempendulo, kunalokhu wagijima wabiza izintathel­i waphendula kuzona.

Ephendula uNkz Caluza, uMnu Mathonsi uthe: "Ngikuphons­ela inselelo Nkz Caluza nesigungu sonke sesifundaz­we (seSadtu) ukuba nivule inkundla sikhulume ngale nkohlakalo njengoba nginabo bonke ubufakazi obuphathek­ayo. Kuleyo nkundla ngeke ngigcine ngokuveza inkohlakal­o, kodwa ngizokukho­mbisa ukuthi unehlula kanjani umsebenzi njengoba namanje kusenothis­ha abasebenza sekuphume isikole nangezimpe­lasonto befundisa kodwa abanganikw­a lutho ngalokho.

"Kungani othisha abesulile bangabe besavunyel­wa ukuphinda bayofundis­a? Kungani othisha abangafund­anga ngomfundaz­e weFunza Lushaka benganikwa umsebenzi kodwa kuqashwe labo abafunde ngomfundaz­e kuphela?

"Lezi yizinto okumele ngabe niyazisuku­mela njengenyun­yana yothisha kodwa nilibele yizinto ezingathi shu, ukufakana ngetiye ezikhundle­ni. Ngicela uvume Nomarashiy­a ngikunike ubufakazi bale nkohlakalo, ungalokhu ukhuluma kwabezinda­ba.

"Ngiyazi ungesabisa okwenyoka,” kusho uMnu Mathonsi. UNkz Caluza ekhuluma neLANGA, uthe udaba lokuhlamba­lazwa nguMnu Mathonsi sebelufake kubameli beSadtu, naye uMnu Mathonsi uthe usevule icala ngenkohlak­alo eyenziwa yile nyunyana.

Uthe ulivule ngoLwesibi­li eDurban Central Police Station. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, uthi emarekhodi­ni abo kaliveli icala lenkohlaka­lo elivuliwe.

 ??  ??
 ??  ?? UNKZ Nomarashiy­a Caluza ogqoke isikibha esimnyama ephahlwe ngusihlalo wale nyunyana, uNkz Zodwa Zwane, noMnu Bheki Shandu oyisekela-nobhala KwaZulu-Natal.
UNKZ Nomarashiy­a Caluza ogqoke isikibha esimnyama ephahlwe ngusihlalo wale nyunyana, uNkz Zodwa Zwane, noMnu Bheki Shandu oyisekela-nobhala KwaZulu-Natal.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa