Asitholakali namanje isidumbu somfundi
Emanzini Abatshuzi bayesaba ukungena
SEKUPHELE isonto lesithathu golokoqo kuthungathwa isidumbu somfundi waseBizimali High School ominze oThukela eNkandla. Umphakathi ukhala ngabatshuzi okuthiwa kabangenanga emanzini, bathi bayawesaba lo mfula, uyingozi.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, uNjabulo Makhathini (21), odabuka eWitpoortjie, eGauteng - obeseNkandla ngokuyofunda - uminze kulo mfula ewela nomngani wakhe, beyolanda imali yabo kade bedayisele omunye wesilisa amakha eNhlonga, phesheya koThukela, okuyisigodi esibhekene neNhloshane - lapho kukhona iBizimali.
Kuthiwa umngani wakhe uhlambile waze wawelela ngaphesheya, sekumele kulandele uNjabulo, ubonakale eshona evumbuka ethathwa ngamanzi. UMnu Simangaliso Shandu, oyilungu lomndeni, uthi sebezame konke okusemandleni becinga ingane yabo, baze babuyela eGauteng belambatha.
“Sesikhalela ukuthola okungenani ithambo nje kwaphela. Ibhanoyi lifikile nalo kulo mfula, abatshuzi bathi ngeke bangene phakathi babona izingwenya,” kusho uMnu Shandu.
Ngokuthola kweLANGA, uNjabulo - obehlamba ebambelele ebhakedeni - uphoseke esijulini emuva kokuba limphunyukile. Kubikwa ukuthi lo mfundi ubephasele umatikuletsheni.
Omunye uthisha waseBizimali uthi lo mfundi ubengakabhalisi ngokugcwele esikoleni kulo nyaka, ubengakamukelwa kwazise ubethole incwadi emxoshayo nyakenye ngoba ubehlupha.
“Ubebuyile impela (uNjabulo) kodwa besimtshele ukuthi angabuyi ngoba ubehlupha,” kusho uthisha.
Ilungu lomphakathi lithi afikile amaphoyisa kusanda kwenzeka lesi sigameko, abuyela emuva athi lapho eminze khona uNjabulo umfula ujulile.
Lithi amadoda endawo abevuka njalo ekuseni eyobheka ukuthi ngeke yini asithole isidumbu osebeni lomfula.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bezwakalisa ukudabuka ngokwenzekile. Udlulise amazwi enduduzo emndenini nakubafundi bonke.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa asasithungatha isidumbu sikaNjabulo.