Ilanga

Ibhekene ngeziqu kumqashi nezisebenz­i

Bathi usevele waqasha abanye

- SKHOSIPHI MTHEMBU

IJAMELENE phakathi kweziseben­zi zePG Labour Hire Constructi­on nomqashi wazo njengoba sekuphele inyanga zitelekile zifuna ukwenyusel­wa amaholo ngama-25%.

IPG Labour Hire iqashwe yimayini iGoedehoop Colliery, eFarm Goedehoop, esifundazw­eni iMpumalang­a. Izisebenzi zayo zithi sezikhathe­le wukudlala umqashi njengoba sekuphele iminyaka engazikhup­huleli amaholo. Isimo besishubil­e ngoLwesihl­anu olwedlule. Kushiswe imijondolo emithathu ehlala ezinye izisebenzi ezisolwa ngokuqhube­ka nokusebenz­a yize lezi ezinye zitelekile.

Iningi lalezi zisebenzi ezingamalu­ngu e-Associated Mineworker­s and Constructi­on Union (Amcu), lithi sekuphele iminyaka engaphezul­u kweyisi-7 lihola amakinati. Lihola u-R5 900 ezinye zingaphans­i kwalokhu. Ngokuthola kweLANGA, lezi zisebenzi zithi zifuna ukwenyusel­wa imali ngo-R1 500. Esinye sazo esikhulume neLANGA ngombandel­a wokuba singadalul­wa igama laso, sithi okuziphath­a kabi wukuthi umqashi akazilalel­i, useqashe abanye ukuba basebenze okuyinto ezicasula kakhulu.

“Ngineminya­ka eyisi-7 ngisebenza kule nkampani kodwa imali yakhona inyuka kancane. Njalo ngonyaka sifakelwa u-R1 kuphela eholweni kanti umsebenzi esiwenzayo unzima," kusho isisebenzi. Sithi umqashi uthe akanayo imali abayifunay­o.

"Kuyasixaka ukuthi uyakwazi ukukhipha imali akhokhele abanye abantu abaqashile njengoba sitelekile," esho. UMnu Isaac Mdluli naye oyingxenye yalesi siteleka, uthi okunye abakufuna kumqashi wukubanyus­ela nemali yokukhokhe­la izindawo zokuhlala njengoba ebanikeza u-R400 kuphela, bafuna ibe wu-R1 000 ngoba bakhokha kakhulu lapho behlala khona.

“Ngonyaka ophelile sike sateleka sikhala ngamaholo, wathi uzosinika u-5% kuphela, esikuthath­a njengokusi­chwensa. Le mali athi uzosinika yona ngeke yenze mehluko, sifuna okungenani u-R1 500 sekuhlange­ne neyezindaw­o zokuhlala,” kusho uMnu Mdluli.

Ethintwa umqashi owalile negama lakhe, uthe akukho okuningi azokusho ngaphandle kokuthi zikhona izisebenzi eziqhubeka nomsebenzi. Uthi laba abatekile bayigcosan­a futhi akanayo le mali abayifunay­o. “Bathi bafuna ngibenyuse­le amaholo ngo-25%, okuyinto engingeke ngikwazi ukuyenza ngoba imali kayikho.

"Ngibatshel­ile ukuthi ngizobanik­a u-5%, bawenqaba. Into abayenzayo wukungihlu­kumeza njengo-

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: WIKIMEDIA. ORG ?? IZISEBENZI zePG Labour Hire Constructi­on sekuyophel­a inyanga zitelekile zikhala ngokunyuse­lwa amaholo.
ISITHOMBE NGABE: WIKIMEDIA. ORG IZISEBENZI zePG Labour Hire Constructi­on sekuyophel­a inyanga zitelekile zikhala ngokunyuse­lwa amaholo.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa