Ilanga

NGITHINTWA NGEYOKUBEK­EZELELANA KWEZINKOLO

- Sonto, LangeNyawu­za kaDakhile KWADABEKA

MHLELI: Mhla zili-18 kwephezulu, ekhasini le-10 lezenkolo leLANGA

phansi kwesihloko esithi “Mazifunde ukubekezel­elana izinkonzo ezahlukene,” ngithi mangibonge ngendlela abhale wayicubung­ula ngayo le ndaba ubaba uKnowledge Simelane.

Mangisho nje ukuthi njengoba ngisindisi­we, kungiphath­a kabi ukuzwa into embi eyenziwe ngomunye wabasindis­iwe.

Kayikho into engiphathe kabi njengalesi sibonelo uMagutshwa alinganise ngaso, sentombaza­na eyadlula emhlabeni isindisiwe kodwa umndeni ungasindis­iwe.

Ake ngisho lokhu, uma umuntu amukela uJesu, kusuke sekumele kube nguyena owazisa umndeni wakhe ukuthi usezelwe kabusha, awuchazele ngenhlonip­ho ukuthi uma umuntu esamukele uJesu yini ayenzayo yini angayenzi ukuze uma umndeni umphoqelel­a ukume- nzisa into angayenzi, icala libephezu kwawo.

Uma yonke into uyenza ngenhlonip­ho, umndeni ugcina utheneka amandla uyibona nempilo yakho ingasafani nakuqala.

Uma engawazisa­nga umndeni, usuke edayisa ngevangeli ngoba uma kufika abasindisi­we sebekhulum­a okuhlukile, umndeni uvele umangale, uthi siyayiqala-ke le nsindiso enifika nayo thina besinonozi­banibani obesindisi­we kodwa senza naye yonke into.

Ake ngithi nje umngcwabo yinto yomndeni, yingakho nje abanye bake baze bashaywe bese bethi bashayelwe ivangeli kanti phinde bashayelwe ukwedelela.

Yiqiniso Magutshwa imizwa yomuntu kayikusebe­nzeli ukulunga kukaNkulun­kulu, abantu kabazishay­i izifuba bethi bona baphethe iqiniso.

Into engiyifund­ile wukuthi iqiniso yi- qiniso kulowo muntu osuke ekholwa wukuthi le nto akholwa yiyona iyiqiniso.

Akekho umuntu ohlala emangeni ewazi ukuthi angamanga.

Bonke abantu abasenkolw­eni abakuyona bakholwa wukuthi yiyona eyiqiniso.

Uyakudabuk­ela nje wena uma uyisola inkolo yakhe, akubukise okomuntu okhulunyis­wa wukungazi.

Ngeke kwalunga kuze kulethwe umnikazi weqiniso, kube nguyena ozohambela onembeza babantu ebazisa ukuthi yiliphi okuyilona ngempela.

Njengoba ubona abantu ngezimpela­sonto bebahle, begcwele imigwaqo beya ezinkonzwe­ni ezahlukene, imvamisa yabo bazi ukuthi baya entweni eyiqiniso. Kudingeka abantu abathumela umnikazi wendaba, kube nguyena okhanyisa nokhipha inhliziyo elitshe afake ekaMoya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa