Izodala uthuthuva eyomhlaba: Shenge
Uthi umhlaba weNgonyama kawuhlangene nodaba lokubuyiselwa komhlaba
LENA yinkulumo efingqiwe kaMengameli weNkatha Freedom Party (IFP), uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ayethule ePhalamende ngesikhathi ephendula inkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesibili.
UDABA lokuqala nolukhulu kunazo zonke kwezizovivinya umengameli wethu (uMnu Ramaphosa), kuzoba ngolomhlaba.
Kunenxeba phakathi kwabantu bakithi elingakaze lelashwe, kasikwazi ukubhekana nokungalingani ngaphambi kokuba sixazulule udaba lomhlaba ngoba uyindlela yokudala ukuvikeleka, intuthuko nomcebo.
Sasivele sikwazi lokhu ngesikhathi sobandlululo, ngesikhathi uhulumeni waKwaZulu wenza amasu okuvikela iziqeshana ezimbalwa zomhlaba ezazisasele embusweni wobukhosi bukaZulu ngemuva kokunqotshwa wumbuso wamakoloni nokwephucwa kwethu ngokobuhlanga.
Lokhu sakwenza ngokushaya uMthetho WeNgonyama Trust, sisebenzisa umkhandlu waKwaZulu oshaya umthetho ukuze umhlaba osezindaweni zabomdabu uqhubeke nokuphathwa ngokomthetho wendabuko namasiko.
Lokhu kwakungeyiso “isivumelwano esiyimfihlo” njengoba kunabathile asebenza sengathi kwakunjalo.
Sasingekho isidingo salokhu okuthiwa yizixegiselo zokuheha i-IFP ukuba ingene okhethweni ngoba uMnu Frederik “FW” de Klerk, uMnu Nelson Mandela nami sase sivele sesisisayinile isivumelwano esijulileyo esenza ukuba i-IFP ikwazi ukuhlanganyela okhethweni.
Sase senziwe isithembiso sokuthi ukulamula kwabalamuli bomhlaba kuyolandela ngemuva kokhetho, ukuxazulula izindaba zokubonisana ezazisasele zilenga.
Ekugcineni, leso sithembiso sephulwa, kodwa sase sivele sesenziwe ngesikhathi kushaywa uMthetho weNgonyama Trust.
Impela uDkt Zweli Mkhize wa- memezela ukuthi: “Umthetho ochitshiyelweyo udala ithuba lokuba lesi sifundazwe (KwaZulu-Natal) siqhubekele phambili nohlelo lwentuthuko njengoba sonke sivumelana ngesiphakamiso sokuthi wonke umhlaba ungoweNgonyama, kakufanele kube yinto ebonakala ishiwo ngomlomo nje kuphela.”
Mhlonishwa mengameli, yini esiguqukile? Yini le esibonwa yiqembu elibusayo i-ANC) ebelingayiboni esikhathini esedlule?
Kungani uMthetho weNgonyama Trust usuvele waba yisitha sokuqala isigubhukane nje? Kungani i-ANC izimisele ngokwephuca iNgonyama yethu umhlaba, iwususe ekusingathweni ngamakhosi iwususe nasemiphakathini yomdabu na?
Umthethosisekelo uyasamukela isimiso sobuholi bomdabu, kodwa kusho ukuthini lokho uma iqhaza, amandla nemisebenzi yabaholi bomdabu kulokhu kuqhutshekiwe nokukuqeda?
Eminyakeni eli-18 edlule ikomidi lekhabhinethi elaliholwa nguMnu Jacob Zuma eseyiphini likamengameli wezwe, lathembisa abaholi bomdabu ukuthi isahluko sesi-7 nese-12 somthethosisekelo zizochitshiyelwa, uma ukudalwa komasipala kunciphisa iqhaza, amandla nemisebenzi yobuholi omdabu.
Leso sithembiso kasikaze sifezwe.
Esikhundleni salokho, kwasetshenziswa uchungechunge lweziqephu zomthetho namazwi angamagobongo angasho lutho ukunciphisa isithunzi sabaholi bomdabu, benziwa izinto zokuhlobisa imicimbi nemikhosi.
Okuwukuphela kwesikhathi ababonakala bebaluleke ngaso [abaholi bomdabu] kulapho kusuke sekusondele ukhetho.
Ngabe yiyona ndlela le ubuholi obumnyama obuphatha ngayo abantu bakubo?
Ngabe iqembu elibusayo likukholwa ngeqiniso ukuthi izikhulu ezisemahhovisi antofontofo zingakwazi ukuphatha umhlaba kangcono kunalabo abebengabasingathi bempilo yabantu bakithi, isi- thunzi nenhlalakahle yabo kusukela emandulo na?
Impela umgomo wokwephucwa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, okudinga ukuchitshiyelwa komthethosisekelo wethu, kakufanele ukuba usetshenziselwe ukulimaza abampofu bakithi.
Ngesikhathi i-ANC iqala ukukhuluma ngokwephucwa umhlaba ngaphandle kokunxeshezelwa, amakhosi ayengakulindele ukuthi umhlaba wokuqala owawuzothathwa kuyoba yiwona kanye lo esawubeka ezandleni zabantu.
Kwadingeka umbutho ongaphezulu kwalowo amaNgisi awusebenzisa ukunqoba elaseNdiya, ukuba banqobe isiZwe samaZulu.
IMpi kaZulu namaNgisi yowe1879, yaba yimpi ngokugcweleyo okwakuhloswe ngayo ukwephuca ukhokho wami, iNgonyama uCetshwayo kaMpande umbuso wethu wobukhosi.
Amabutho eNgonyama ayedidiyelwa ngukhokho wami ngasohlangothini lukababa, iNkosi uMnyamana Buthelezi, uNdunankulu weNgonyama.
Ubabamkhulu uMkhandumba Buthelezi wahlanganyela eSandlwana ekunqotshweni kwamabutho amaNgisi mhla zingama-22 kuMasingana (January) we-1879.
INgonyama uCetshwayo yaboshwa eNqabeni (Castle) khona lapha eCape Town.
Singakucabanga nje ukuthi ukuba ubaba nomeluleki wami uDkt Pixley kaIsaka Seme ubengavuka manje, ukuthi ubeyokuvuma yini lokhu kwephucwa (umhlaba) kwabamnyama ngabamnyama.
Ukuba iNkosi Albert Luthuli, umholi womdabu nomaluleki wami, ubengavuka edlinzeni lakhe naye wayeyokuvuma yini?
Lokhu, mhlonishwa mengameli, kufana nokudlala ngomlilo.
Kasikudingi ukudalwa kwalolu chuku olubhekiswe kithi.
Sinezinselelo eziningi ezinkulu kunalokhu ezigqolozele isizwe.
Inkohlakalo kayiqondene nokweba imali kuphela, iqondene nanokusetshenziswa kwamandla ngendlela engafanele.