Ilanga

Besidla eyaseDubai, siphuza ugologo kaR46k noMaqhude

-

NGEMPELASO­NTO ngizithole ngiphuza ugologo ophathise umphimbo wami ngamahloni kuhle kwekati libanjwe lizikhulul­a.

Phela uma ungitshela ukuthi wake walibona ikati lizikhulul­a, ngizokutsh­ela emehlweni ukuthi usenga ezimithiyo.

Lo gologo engikhulum­a ngawo, ibhodlela lawo libiza u-R46 000, kanti bawubiza nge-Port Ellen 15th Release eneminyaka engamashum­i amathathu nambili.

Ukuba leli bhodlela belingumun­tu, bekungabe selinobheb­henene lwentshebe.

Ningakabuz­i ukuthi ibhodlela elibiza le mali bengilifun­ani, mangishesh­e ngigonyulu­ke ngisho ukuthi bengiliphu­za emzini wenye insizwa esasifunda nayo esikoleni kudalo, ebeyaziwa ngoMaqhuda­yeqana.

Phela le nsizwa ngiyithole isiwuphind­a okwesithat­hu umatikulet­sheni, saba ngabangani ngase ngi- qala ukuyisiza ngezifundo, yaphasa ngalowo nyaka.

Ngihlangan­a nayo nje, mina bengiyothe­nga ukudla, kwazise phela isiqandisi besesingig­qolozele emehlweni singitshel­a ukuthi kukhona okushodayo. Bese ngingasamb­oni mina ngoba phela sagcinana sisengamab­hungu.

Ngizwe ngomuntu esengithin­ta ihlombe ebuza ukuthi yimi yini lona, ngamangala ngoba phela mina ngiyazazi, kanti kangisona isiguli saseLife Esidimeni yodumo.

Kangithand­anga ukumphoxa, ngivumile nje ukuthi cha yimina lona kanti uma ethanda angahamba ayobuza uMaDlamini ethuneni lena KwaMamdeka­zi eMariannhi­ll - okulapho isalukazi esingizala­yo safihlwa khona.

UMaqhudaye­qana ujabule okwengane ithengelwe oncamnce, wase engimema ukuba ngimvakash­ele.

Uma enginika idilesi, ngithole ukuthi uhlala lapho kwakhe khona izimpunyel­a ezinemali engasukumi phansi.

Ngimbuze ukuthi usebenzaph­i. Ungitshele ukuthi kule minyaka eyisihlanu eyedlule, ubesebenze­la eDubai kodwa ubuye kule nyanga edlule.

Ngase ngihlangan­isa uwani nothu, kwavela amaGupta.

Uphikile kodwa wathi cha yena ubezenzela ibhizinisi nje lokuxhuman­isa osomabhizi­nisi baseNingiz­imu Afrika nabakuleli­ya lizwe.

Ngithe uma ngifika kwakhe, ngathola isithabath­aba sendlu engahlala imindeni eyishumi, kanti lapha ngaphandle bekumise izimoto zikanokush­o.

Uma singena ngaphakath­i ubesengime­ma ukuba siye egunjini lokuphuza, sithole okokuthiba ukoma.

Yilapho-ke engibonise khona amabhodlel­a kagologo engingakaz­e ngiwabone, esho nokuthi yena uthenga i- private collection kuphe- la, akathengi kula mabhodlela­sitolo thina esithenga kuwona.

Ngithe uma ngithela amathotho amabili okuqala, ngashaywa wunembeza, emuva kokuthi engitsheli­le ukuthi leli bhodlela engilikhet­hile libiza malini.

Phela umholo womuntu lona, kanti iningi kalifiki nokufika kuleyo mali.

Ngithe shaqalazi, ngakhohlwa ngamahloni nonembeza. Emuva kwamadabul­i amathathu, besengizik­hombela ukuthi angithelel­e kuliphi.

Abantu abaningi abathenga izinto ezibizayo basuke befuna ukubonwa, kanti bayashesha nokukutshe­la amanani azo.

Naye lo mbhemu ubelokhu engitshela inani lebhodlela ngalinye kuhle kwalezi zintatheli ezimemezel­a ibhola kumabonaku­de nasemsakaz­weni.

Ushilo futhi ukuthi yena uphuza nongqongqo­she basephalam­ende, ebabiza nangamagam­a labo abathanda lo gologo bamatawuze­ni, angakhokha imali yesikole yonyaka wonke kulezi zikole zikahulume­ni zasesilung­wini, kuphinde kusale ushintshi.

Ugologo ubusuzehle­la ngesiphund­u, kanti nami besenginga­senamabhul­eki njengebhas­i likaPutco.

Ngizithole sengimtshe­la ukuthi abanye balabo ngqongqosh­e aphuza nabo kuyomele baqale ukuphuza ugavini nesiqatha ngoba phela njengoba sekushints­hwe umengameli, bona sebephelel­we yisikhathi njengenyam­a esizungezw­a yizimpukan­e eziluhlaza.

Phela le nsizwa okuthiwa nguSilili sengathi kayibhenyw­a ingemthunz­i wezinkukhu.

Akakuthand­anga-ke lokhu ebengikush­o uMaqhudaye­qana, okusho khona ukuthi ngeke aphinde angimeme. Ugologo wona ngiwuphuzi­le, ngaze ngesaba nokuchama, hleze ngilahle le mali engaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa