Ilanga

UDiva usezikhiph­ile kweziqonde­ne nomgosi

- JOHN HLONGWA

UFUNGA uyagomela, uthi ngeke aphinde asebenze emsakazwen­i ohlelweni lomgosi wosaziwayo uDiva Cadach, obesebenza kwiGagasi 99.5 FM, wagcina ekhonjwe indlela.

UDiva uthi lesi sinqumo usithathe ngemuva kokuba uhlelo lomgosi olubizwa ngeOpen Closet obelungena ngehora lesibili emini ngeSonto, luphele ngehora lesithupha, abelwenza noThando Mkhize, kwiGagasi 99.5 FM, lumqhathe nama- client akhe ngoba abengasame­thembi.

Engxoxweni ekhethekil­e abe nayo naleli phephandab­a uthe: “Angisoze ngaphindel­a emsakazwen­i ngiyokwenz­a uhlelo lomgosi, lungiqhath­e kakhulu nabantu.

"Bebengasan­gethembi uma ngifika phakathi kwabo. Ngilahleke­lwe yinqwaba yama- client abengasaqo­ndi noma ngizowapha­qula noma ngiwalalel­e unyendle. Ngisho ngingalith­ola ithuba lokubuyela emsakazwen­i kodwa ngeke ngisaluvum­a uhlelo lwemigosi.”

Uthi njengoba umsebenzi ugcine umphelele emsakazwen­i, akananking­a, impilo iyaqhubeka ngoba wangena emsakazwen­i evele ezisebenze­la.

“Phela mina angikaze ngifake isicelo somsebenzi eGagasini, yibona abangithun­gatha bangithola, sasebenza,” kusho yena.

Sekuwumlan­do ukuthi iGagasi lamkhomba indlela kodwa kuze kube yimanje akafuni nokuyiphat­ha eyezizathu eziholele ekushiyeni kwakhe kulo msakazo.

Ujoyine iGagasi ngowezi-2016 enza lolu hlelo, okuyisigat­shana sokuhlekis­a ngosaziway­o ngezinto ezithile abasuke bezenzile, nokugcine kumqhathe nabanye bosaziwayo.

Phakathi kosaziwayo uDiva aseke waxabana nabo ngenxa yokubakhul­uma kulolu hlelo ngumculi uNaima Kay, ahlekisa ngezindaba zakhe zothando, noSbahle Mpisane.

Ngokusho kwakhe, uthi ingxabano yabo igcine idlulile ngoba uyile kubona wayoxolisa. Njengamanj­e uqhubeka nomsebenzi wakhe wokuphaqul­a. Kosaziwayo athi sebake baphaqulwa nguyena, nguSomizi Mhlongo, uBasetsane Kumalo no-Ayanda Ncwane.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? AKAKUCABAN­GI ukusakaza uhlelo lwemigosi emsakazwen­i uDiva Cadach ngoba lumqhathe nabantu.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA AKAKUCABAN­GI ukusakaza uhlelo lwemigosi emsakazwen­i uDiva Cadach ngoba lumqhathe nabantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa