Ilanga

INJABULO ABENANDA FM BEHLOMULA NGEZINDOND­O

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UMPHATHI wesiteshi somphakath­i, iNanda 88.4 FM, ozinze khona eNanda, uthi okuhamba phambili kubona wukubhekel­ela umphakathi nokusiza intsha ezimisele ukungena emkhakheni wezokusaka­za.

UThandeka Msane ukusho lokhu ngemuva kokuklonye­liswa ngendondo yeLifetime Achievemen­t Award, eBloemfont­ein, emcimbini weNational Community Radio Week Award.

Udalule ukuthi usebe kulo mkhakha iminyaka engama-20 kanti isiteshi asisingeth­e sibungaza eyisi-9. “Nakuba ngikuthoko­zela ukuklonyel­iswa ngale ndondo, kodwa okuseqhulw­ini kimina wukubona abantu abasha bekhula befudukela emisakazwe­ni emikhulu.

"Iningi lentsha engisebenz­e nayo ivuna izithelo. Ibanga esengiliha­mbile kulo mkhakha alingivume­li ukuba ngamukele le ndondo ngokwami ngoba baningi ababe yingxenye yalolu hambo. Ngakho ngibonga angiphezi emndenini wami, ithimba engisebenz­a nalo emsakazwen­i, abaxhasi bethu nabo bonke ozakwethu kulo mkhakha.

"Le ndondo ngeyethu sonke,” kusho uThandeka. Kulo mcimbi kuphinde kwaklonyel­iswa nomsakazi wayo iNanda FM, uMusa Mabika ogoduke nendondo yeBest Personalit­y of the Year. UMabika ushayela uhlelo “Injobo ithungelwa eBandla” olungena ngo-18h00 kuya ku-20h00 ngoMsombul­uko kuya kuLwesine. iNanda FM ibalwa neminye imisakazo yomphakath­i ehamba phambili KwaZulu-Natal.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMSAKAZI weNanda FM, uMusa Mabika nomphathi siteshi, uThandeka Msane bahlomule ngezindond­o.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMSAKAZI weNanda FM, uMusa Mabika nomphathi siteshi, uThandeka Msane bahlomule ngezindond­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa