USEBENZE KANZIMA UKUKHIPHA IKHWALITHI YOMCULO
“BEKUMELE ngenze isinqumo njengosomabhizinisi, bekungelula. Into ebengizitshela yona kuso sonke lesi sikhathi wukuthi ngiyatshala, sizofika isikhathi lapho ngizovuna khona,” kusho uDonald osanda kukhipha i-albhamu ethi Something More.
Ubechaza ukuthi uwuqophe kanjani umlando ngokuqopha ama- video azo zonke izingoma ezikwi-albhamu yakhe entsha. Uthi ubefuna ukunika abalandeli bakhe okwehlukile, yingakho ezinye zezingoma ezihlanganise kabusha nakuba kumdlile ephaketheni ukwenza lokhu kodwa akazisoli nakancane.
“Le albhamu imayelana nempilo nendlela engibona ngayo uthando. Bengiziphosela inselelo kuyona,” kuchaza yena.
Njengoba eyikhiphe ngasekupheleni konyaka owedlule, uthi ubelokhu ekhipha amasingili. Eyokuqala beyithi Rain Drops kanti umatasa nethi Landela, aphinde wayenza kabusha noCici ngoba ebuka ukuthi abalandeli bakhe kabayamukeli ngendlela afisa ngayo.
“I- video yakhona isikhona vele, ngikholwa wukuthi izoba yingoma enkulu onyakeni ka-2018,” kuchaza uDonald.
Elandisa ILANGA ngokuba yijaji eliyisipesheli emncintiswaneni kamabonakude i-Idols, uthe: “Ngijabule kakhu- lu. Ngingumuntu othandayo ukusiza abanye ukuba bakhiphe unyawo kwabakwenzayo. Okumnandi kakhulu wukuthi ngiyabuya futhi nakule sizini ezoqala,” kusho uDonald.
Ebuzwa ukuthi ngubani ayefisa ukuba ahlwithe isicoco soweIdols ngowedlule, uthe bonke ababekhonaa bebetshengisa ithalente okungukuthi kwabona bengamajaji babengazi ukuthi ngubani ongase aphumelele.
“Ngokwami bengizithandela uPhindi Dube. Ngicabanga ukuthi unethalente eliyisimanga, ngingafisa ukuba ngisebenze naye,” kusho yena.
Phambilini kuke kwavela izindaba ezithinta ukuthandana kwakhe noPearl Modiadie ongumethuli weZaziwa kwiSABC 1. Le ndaba ibe sematheni ngesikhathi sekuvela ezithi ucu alusahlangani.
Njengoba kuyinyanga yothando, intatheli imbuze ukuthi ngabe unaye yini njengamanje umuntu ahlekisana naye.
“Ngingasho ngingananazi sisi wami ukuthi kanginamuntu okwamanje, ngizihlalele nje. Ngisho noma ngabe usekhona kunzima ukuba abantu bazi ngoba ngingumuntu othanda ukugcina izindaba zakhe zangasese, angikhulumi ngazo,” kusho uDonald.
Uthi kuningi akufundile kule ndima yomculo njengoba esehlale isikhathi eside kuyona.
“Okubaluleke kunakho konke wukukwazi ukusebenzisana nabanye nokuzazi ukuthi ufuna ukuba ngumuntu onjani,” echaza