Ilanga

USEBENZE KANZIMA UKUKHIPHA IKHWALITHI YOMCULO

- THANDI ZONDI LeTheku tzondi@ilanganews.co.za

“BEKUMELE ngenze isinqumo njengosoma­bhizinisi, bekungelul­a. Into ebengizits­hela yona kuso sonke lesi sikhathi wukuthi ngiyatshal­a, sizofika isikhathi lapho ngizovuna khona,” kusho uDonald osanda kukhipha i-albhamu ethi Something More.

Ubechaza ukuthi uwuqophe kanjani umlando ngokuqopha ama- video azo zonke izingoma ezikwi-albhamu yakhe entsha. Uthi ubefuna ukunika abalandeli bakhe okwehlukil­e, yingakho ezinye zezingoma ezihlangan­ise kabusha nakuba kumdlile ephakethen­i ukwenza lokhu kodwa akazisoli nakancane.

“Le albhamu imayelana nempilo nendlela engibona ngayo uthando. Bengizipho­sela inselelo kuyona,” kuchaza yena.

Njengoba eyikhiphe ngasekuphe­leni konyaka owedlule, uthi ubelokhu ekhipha amasingili. Eyokuqala beyithi Rain Drops kanti umatasa nethi Landela, aphinde wayenza kabusha noCici ngoba ebuka ukuthi abalandeli bakhe kabayamuke­li ngendlela afisa ngayo.

“I- video yakhona isikhona vele, ngikholwa wukuthi izoba yingoma enkulu onyakeni ka-2018,” kuchaza uDonald.

Elandisa ILANGA ngokuba yijaji eliyisipes­heli emncintisw­aneni kamabonaku­de i-Idols, uthe: “Ngijabule kakhu- lu. Ngingumunt­u othandayo ukusiza abanye ukuba bakhiphe unyawo kwabakwenz­ayo. Okumnandi kakhulu wukuthi ngiyabuya futhi nakule sizini ezoqala,” kusho uDonald.

Ebuzwa ukuthi ngubani ayefisa ukuba ahlwithe isicoco soweIdols ngowedlule, uthe bonke ababekhona­a bebetsheng­isa ithalente okungukuth­i kwabona bengamajaj­i babengazi ukuthi ngubani ongase aphumelele.

“Ngokwami bengizitha­ndela uPhindi Dube. Ngicabanga ukuthi unethalent­e eliyisiman­ga, ngingafisa ukuba ngisebenze naye,” kusho yena.

Phambilini kuke kwavela izindaba ezithinta ukuthandan­a kwakhe noPearl Modiadie ongumethul­i weZaziwa kwiSABC 1. Le ndaba ibe sematheni ngesikhath­i sekuvela ezithi ucu alusahlang­ani.

Njengoba kuyinyanga yothando, intatheli imbuze ukuthi ngabe unaye yini njengamanj­e umuntu ahlekisana naye.

“Ngingasho nginganana­zi sisi wami ukuthi kanginamun­tu okwamanje, ngizihlale­le nje. Ngisho noma ngabe usekhona kunzima ukuba abantu bazi ngoba ngingumunt­u othanda ukugcina izindaba zakhe zangasese, angikhulum­i ngazo,” kusho uDonald.

Uthi kuningi akufundile kule ndima yomculo njengoba esehlale isikhathi eside kuyona.

“Okubalulek­e kunakho konke wukukwazi ukusebenzi­sana nabanye nokuzazi ukuthi ufuna ukuba ngumuntu onjani,” echaza

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFROTRACTI­ON ?? U-AFROTRACTI­ON ukhala ngokudlula emhlabeni kwezingwaz­i abefisa ukusebenza nazo emculweni.
ISITHOMBE NGABE: AFROTRACTI­ON U-AFROTRACTI­ON ukhala ngokudlula emhlabeni kwezingwaz­i abefisa ukusebenza nazo emculweni.
 ?? ISITHOMBE NGABE: EYOMZANSI .COM ?? UDONALD uthi kumdle iphakethe ukuqala kabusha ezinye zezingoma zakhe.
ISITHOMBE NGABE: EYOMZANSI .COM UDONALD uthi kumdle iphakethe ukuqala kabusha ezinye zezingoma zakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa