Ilanga

Uthi ufe olwembiza kushona izinkakha

- SANDILE MAKHOBA LeTheku makhoba@ilanganews.co.za

UKHALA ngokushona kwezingwaz­i abefisa ukusebenza nazo umculi we-Afro pop, u-Afro- traction.

Leli ciko selizakhel­e udumo kubalandel­i balo ngokubhala izingoma ezinohlonz­e zothando. U-Afrotracti­on ogama lakhe langempela nguMzwandi­le Moya, uthi ukuhamba emhlabeni kwezingwaz­i abala kuzona uHugh Masikela noRobbie Malinga uthi kumshayise ngovalo ngoba yibona abantu abefisa ukusebenza nabo.

“Umuntu engifuna ukusebenza naye manje ngokuphuth­uma nguCaiphus Semenya noRingo Madlingozi. Ngifisa uNkulunkul­u abagcine isikhathi eside,” kusho u-Afrotracti­on.

Uthi ukucula kwakhe kugqugquze­lwa ngumculo kaJabu Khanyile naye ongasekho emhlabeni. Konke lokhu ukuveze engxoxweni ekhethekil­e abe nayo neLANGA mayelana nomculo wakhe omusha.

NgoLwezi (November) ngonyaka owedlule, ukhiphe icwecwe elisihloko sithi “Relationsh­ips”. Uthi ngaleli cwecwe uhlose ukugqugquz­ela izithandan­i. Ingoma afolosa ngayo kuleli cwecwe ithi “Asijabule”.

Usebenze nabaculi abehlukene kuleli cwecwe njengoba epike u-K.O engomeni ethi “Time for Love”, wapika intokazi yaseThekwi­ni, uSena engomeni esihloko sithi “Siyathanda­na”.

Zonke izingoma zibhalwe nguyena, wazididiye­la waphinde wazicula yena. Yize ezenzela yonke into kodwa uthi uyasidinga isandla somuntu wesibili ukuze umculo wakhe ungabi yinto eyodwa.

Kulo nyaka uthi uzokhipha amacwecwe amabili, ele- jazz nelomculo wokholo. Womabili lawa macwecwe azophuma ngaphansi kwenkampan­i yakhe, i-Afrotracti­on’s Records.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa