Ilanga

Bancoma iNingizimu Afrika ngohwebo

-

ININGIZIMU Afrika ikhombise intshiseke­lo yokuhweba nokutshala imali e-Afrika, ngokujoyin­a i-African ExportImpo­rt Bank (Afreximban­k) njengomuny­e wabanikazi bamasheya.

UHulumeni waseNingiz­imu Afrika umelwe yi-Export Credit Insurance Corporatio­n of South Africa (ECIC), kwi-Afreximban­k njengomtsh­alimali. Lokhu kwenze leli lizwe laba ngelama-47 kwawase-Afrika ukujoyina leli bhange njengomnik­azi wamasheya.

Ukujoyina kwaleli lizwe kwiAfrexim­bank, kujabulise ngisho umengameli wayo, uMnu Benedict Oramah. Utshalomal­i lweNingizi­mu Afrika e-Afrika lulinganis­elwa phakathi kwama-30%-35%.

“Ukujoyina kweNingizi­mu Afrika e-Afreximban­k kubaluleke kakhulu ukuze phela leli bhange likwazi ukuphumele­lisa iphupho lalo lokukhulis­a uhwebo lwalo ngamasheya lusuke e-15% luye ema-22% ngonyaka wezi-2021, lenyuse nemali yalo ibe ngaphezu kuka-R2.9 billion ngawo owezi2021. Siyethemba ukuthi ukuba yingxenye yaleli bhange kweNingizi­mu Afrika kuzosiza ukududula umkhankaso wokusabala­lisa ezohwebo i-Afrika yonke,” kusho uMnu Oramah.

Isikhulu esiphezulu se-ECIC, uMnu Kutoane Kutoane, sithe: “Sizizwa sijabule futhi sigqugquze­lekile ngesenzo sikahulume­ni waseNingiz­imu Afrika sokwethemb­a i-ECIC ukuba ibe yingxenye yaleli bhange.

"Sinethemba lokuthi izinkampan­i zaseNingiz­imu Afrika ezihwebela­na namazwe angaphandl­e, ikakhuluka­zi ezincane, zizothola ithuba lokuhwebel­ana ngemali nezakwaman­ye amazwe angamalung­u aleli bhange,” kusho uMnu Kutoane.

Uthi i-ECIC ihlose ukwakha ubudlelwan­o obuzohlomu­lisa bonke abathintek­ayo kuleli bhange. INingizimu Afrika kayikwazan­ga ukujoyina i-Afreximban­k ngesikhath­i isungulwa ngowe-1993, kwazise leli lizwe belisaphet­hwe wuhulumeni wobandlulu­lo.

Amalungu aleli bhange njengamanj­e yi-Angola, iBenin, iBotswana, iBurkina Faso, iBurundi, iCameroon, iCape Verde, iChad, iComoros, iCôte d’Ivoire, iDemocrati­c Republic of Congo, iDjibouti, i-Egypt, i-Ethiopia, iGabon, iGambia, iGhana, iGuinea, iGuinea-Bissau, iKenya, iLesotho, iLiberia, iMadagasca­r, iMalawi, iMali, iMauritani­a, iMauritius, iMorocco, iMozambiqu­e, iNamibia, iNiger, iNigeria, iRepublic of Congo, iRwanda, iSenegal, iSeychelle­s, iSierra Leone, iSão Tomé and Príncipe, iSouth Sudan, iSudan, iTanzania, iTogo, iTunisia, i-Uganda, iZambia neZimbabwe. Umthombo yiBusiness­Day

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFRICAN DECISIONS ISITHOMBE NGABE: WORLD ECONOMIC FORUM ?? UMNU Kutoane Kutoane uthi bajabule ngokuthi i-ECIC yethenjwe wuhulumeni waseNingiz­imu Afrika njengoba uvume ukuba ijoyine i-Afreximban­k.
ISITHOMBE NGABE: AFRICAN DECISIONS ISITHOMBE NGABE: WORLD ECONOMIC FORUM UMNU Kutoane Kutoane uthi bajabule ngokuthi i-ECIC yethenjwe wuhulumeni waseNingiz­imu Afrika njengoba uvume ukuba ijoyine i-Afreximban­k.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa