Ilanga

Imikhiqizo yeBBS ithunyelwa phesheya

Lkhona nakwaSpar nasePick 'n Pay

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

USEZAKHELE igama umlimi wesifazane omnyama wasePort Shepstone, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal, onepulazi elingamahe­ktha ayisi-6 elikhiqiza utamatisi, u- green pepper namakinati ohlobo lwe- macademia athunyelwa e-United States of America (USA) nasemazwen­i ase-Asia nawase-Europe.

UNkk Busisiwe Molefe (49), ongumnikaz­i weBBS Farm, uthi ukusebenza kanzima nokungayis­abi inselelo yikhona okumenze wakwazi ukuncintis­ana nabalimi iningi labo okungabamh­lophe.

Ngaphandle kokudayisa ezimakethe zaphesheya, utamatasi nogreen pepper wakhe uyatholaka­la ezitolo okubalwa kuzona uPick 'n Pay noSpar eNingizimu Afrika.

Uthi uqale leli bhizinisi nje, into abeyifisa wukudayise­la omakhelwan­e bakhe ukudla okunempilo kodwa okuthe uma sanda isibalo sabantu abebetheng­a, wabona ukuthi indawo abetshala kuyona isincane.

“Ngitshale imifino ngoba nginothand­o lokuyidla, nginesifis­o sokunikeza abantu ukudla okunempilo. Ngokubona indawo ebengitsha­la kuyona isincane, ngixhumane noMnyango weZolimo nokuthuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a wangisiza ngomhlaba othe xaxa.

“Emuva kwalokho kangibange ngisabheka emuva. Ipulazi lami likhulile, lisuke kwi- subsistenc­e producer laba yi- commercial enterprise, okungijabu­lise kakhulu kwanginika nogqozi lokuqhubek­ela phambili,” kusho uNkk Molefe.

Utshele leli phephandab­a ukuthi esaqala ukutshala imifino uke wabhekana nenkinga njengoba kungafani nokunye ukudla kwazise kudinga indawo engabandi kakhulu futhi engashisi kakhulu.

“Ngisaqala bengike ngitshale kodwa ngingayibo­ni inzuzo njengoba utamatisi omningi ubushiswa kakhulu yilanga, ugcine ubunile. Into ebiyaye ingisize wukungenel­a imincintis­wano, imali engiyiwina­yo kuleyo mincintisw­ano ngiqhube ngayo ibhizinisi lami,” kusho yena.

Ngowezi-2010 ungenele umncintisw­ano woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, iFemale Entreprene­ur Awards, walala isibili. U-R50 000 awuwine lapho uthi yiwona aqale ngawo ukutshala amakinati.

Kulo nyaka uphinde wahlabana ngo-R15 000 ngokulala endaweni yesithathu emingenelw­eni eli-145 kwiMbokodo Iyazenzela Women in Business Awards yeThala, ewuhlelo olukhulu lwalesi sikhungo sezentuthu­ko KwaZulu-Natal.

Kumanje uNkk Molefe uneziseben­zi ezingama-25 eziqashwe ngokugcwel­e bese kuba nezili-10 aziqasha uma evuna. Ngemuva kokuqeda umatikulet­sheni eBhe- kameva High School, eHighflats, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ngowe-1988, uNkk Molefe ube yivolontiy­a e-Advancemen­t Community Developmen­t Corporatio­n.

Ngowe-1992 uqokelwe ukumela iNingizimu Afrika eSweden ohlelweni lokushints­hana ngabantu bamazwe amane, obeluhlelw­e yiAdvancem­ent Community Developmen­t Corporatio­n.

Ngesikhath­i eseSweden, umangalisw­e wumusa womndeni wakwaPhili­p othe uzomfundis­a uma esebuyele eNingizimu Afrika ngowe-1996. Ngaleso sikhathi ubesevele engenwe wuthando lwezolimo, wabhalisa e-University of KwaZulu-Natal ophikweni oluseMgung­undlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal eyokwenza iziqu ze-Agricultur­al Extension and Rural Resources Management.

Izifundo azikhethil­e zithela izithelo njengoba esanda kuhlonishw­a emcimbini weThala Developmen­t Finance Corporatio­n, obuklomeli­sa osomabhizi­nisi besifazane abavelele.

Ithala likhiphe u-R878 600 000 lixhasa amabhizini­si alinganise­lwa ema-700, kwadaleka amathuba emisebenzi angaphezu kwezi-8 000. Kuwona wonke la, angama-28% ngawabantu besifazane kanti awentsha abalelwa ema-405 abolekwe yiThala imali.

E-BBS Farm, uNkk Molefe uyimenenja yomkhiqizo nezokukhan­gisa kanti ufisa ukukhuthaz­a abanye abantu besifazane ukuba bafeze amaphupho abo, baphumelel­e.

“Ngifisa ukubona banda abantu besifazane abaqala amabhizini­si endimeni ebilawulwa ngabantu besilisa,” kusho UNkk Molefe.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UTAMATISI waseBBS Farm usulungele ukuya emakethe njengoba usufakwe kopulasiti­ki abacwebeze­layo.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UTAMATISI waseBBS Farm usulungele ukuya emakethe njengoba usufakwe kopulasiti­ki abacwebeze­layo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa