Ilanga

Kasikathol­akali isixazulul­o sezinkinga eDUT

Ithi isamile ku-6.5%

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUMISIWE ukufunda nokufundis­a eDurban University of Technology (DUT) ngenxa yokuthi izisebenzi zakule nyuvesi kazivumela­ni nabaqashi ngodaba lwamaholo.

Ngokuthola kweLANGA, le nyuvesi ivalwe emuva kokuba kuzwakele ukuthi nabafundi sebefuna ukungenela isiteleka balekelele izisebenzi. Sekuphele amasonto ayisihlanu kungafundw­a ngenxa yokuthi izisebenzi zifuna ukwenyusel­wa amaholo ngo-10% hhayi ngo6.5% obekwa ngumqashi.

NgoMsombul­uko odlule bekulindel­eke ukuba kuqale ukufunda kodwa kakwenzeka­nga. NgoLwesibi­li olwedlule izisebenzi zingene emgwaqweni zathi kazilubhad­i emsebenzin­i.

Inyuvesi iwamisile amakilasi kuze kube abafundi bayaziswa uma sekulunge izinkinga. UMengameli woMkhandlu wabaFundi eDUT, uMnu Sphephelo Mthembu, uthi bayinikeza isikhashan­a le nyuvesi ukuba ilungise lolu daba nezisebenz­i ngoba kuzokwenze­ka ngenye indlela manje.

"Kasijabuli­le ngalo mdonsiswan­o oqhubekayo. Siyaphela manje isigaba sokuqala sonyaka kungafundw­anga, okuyinto esingahamb­isani nayo,” kusho uMnu Mthembu.

Umnyango obhekelele indaba yezisebenz­i kule nyuvesi, ukhiphe incwadi ebhekiswe ezisebenzi­ni ethi isinqume ukuthi zimile izingxoxo mayelana nesinqumo esithathiw­e sokuba izisebenzi zenyuselwe ngo-6.5% okubalwa nokwenyuse­lwa umhlomula wezindlu ngawo u-6.5%.

Bekuyalelw­e isisebenzi ngasinye ukuba siphendule ukuthi siyakwamuk­ela yini okubekwe yinyuvesi etafuleni. Kukhona amahlebezi athi bese kuyalelwe ne- zinhloko zeminyango yeziqu ezehlukene ukuba zibhalise phansi othisha abafuna ukusebenza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Izisebenzi bezifuna u-10% zagcina zehlela ku-8.5% kodwa inyuvesi imile ku-6.5%. Lolu daba selubuya ngisho kwaCommiss­ion for Conciliati­on Mediation and Arbitratio­n (CCMA) kodwa kasitholak­alanga isixazulul­o.

USihlalo woMkhandlu waseDUT, uMnu Wiseman Madinane, uhlangane nezinyunya­na ngoLwesibi­li kodwa kasitholak­alanga isixazulul­o.

UNobhala weNational Education, Health and Allied Workers‚' Union (Nehawu) KwaZulu-Natal, uMnu Phakama Ndunankulu, uthi kusazohlal­wa kubhekwe okusetaful­eni ukuze kubonakale ukuthi kuzoyiwa kanjani phambili.

Utshele ILANGA ukuthi kabagudluk­i ezimfunwen­i zabo, kumele kube khona okuphathek­ayo ukuthi babuyela ngaliphi emsebenzin­i. Okhulumela inyuvesi, uMnu Alan Khan, uthi bayaxolisa kubona bonke abathintek­ayo ngesitelek­a sezisebenz­i.

Uthi inyuvesi iphezu kwezinhlel­o zokuziboph­ezela ukuthi sizobuyise­lwa kanjani isimo kwesejwaye­lekile.

Uveze nokuthi abafundi baseDUT abasenenki­nga yokubhalis­a ngenxa yalezi zinkinga, bacelwa ukuba babhalise ngomyalezi­nyazi ( online) ngokuvakas­hela kwisizabul­embu ( website) esithi: www.dut.ac.za noma baxhumane nale nombolo ethi: 031 373 5005.

Le nyuvesi ibidalule ukuthi kayikwazi ukwenyusel­a izisebenzi imali ngoba ikweletwa yizitshude­ni imali engango-R625 million.

Umkhandlu wenyuvesi ubuthe nyakenye wu-R220 million ongakhokhw­anga yizitshude­ni yize ikhona imali engango-R489 million esenqoloba­neni yesikhungo, izinyunyan­a ezithi makuthathw­e kuyona kodwa okuyinking­a ngoba kumele kwenziwe okuningi okubalwe kukhona nengqalasi­zinda.

U-68% wesabeloma­li bathi iya emaholweni, okuyinto engamukele­kile.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? IZISEBENZI zaseDUT zigcwale umgwaqo ngoLwesibi­li kanti sezicele nabafundi ukuba bazilekele­le.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU IZISEBENZI zaseDUT zigcwale umgwaqo ngoLwesibi­li kanti sezicele nabafundi ukuba bazilekele­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa