Ilanga

Ululekwe ngocansi umdlali we-AC Milan

Umqeqeshi wakhe ufuna agweme ukhwantala­la

-

UMQEQESHI omusha we-AC Milan yase-Italy obedume ngokuba nodlame esadlala kuyona le kilabhu weluleka umdlali wakhe osemncane ukuba aqinise ekuzitiken­i ngocansi ukuze angabi nokhwantal­ala.

IMilan izobhekana neLudogore­ts yaseBulgar­ia emlenzeni wesibili we-Europa League namuhla ngoLwesine ngo-22h05.

Emlenzeni wokuqala obungeledl­ule eBulgaria, iMilan inqobe lo mdlalo ngo-3-0.

UGennaro Gattuso osanda kuqokwa njengomqeq­eshi omusha weMilan, weluleke uPatrick Cutrone (20) ukuba athole intombi enhle bese ekuqinisek­isa ukuthi uyazitika nayo ngocansi ukuze angabi nokhwantal­ala. UGattuso weluleka lo mdlali kanjena nje, yingoba useshaye amagoli ali-13 emidlalwen­i eli-16.

Lo mdlali udlisa ngamapayip­i abadlali abadala kunaye kubalwa uNikola Kalinic no-Andre Silva abathengwe ngo-R848 million bebobabili.

“Kangifuni ukumjaha uCutrone ngoba usemncane kusafanele azenze izinto ezenziwa ngontanga yakhe, angahlale ecabanga ngebhola. Njengoba edlala nje futhi eshaya amagoli, ngiyabona ukuthi into asehlale ecabanga ngayo yibhola nokuqhubek­a abeke laba badlali abadala ebhentshin­i.

“Le nto izoze imfakele ukhwantala­la. Kufanele athole intombi enhle futhi esencane njengaye bese ekuqinisek­isa ukuthi uyazitika nayo ngocansi ukuze angahlale ecabanga ngebhola,” kusho uGattuso.

Uthi sebeyoshay­elela isipikili kulo mdlalo vele bazodlulel­a emzuliswan­eni olandelayo.

Imidlalo ye-Europa League isiyonke namuhla ngoLwesine iqhathwe kanje:

Lokomotiv Moscow vs Nice 18h00 (SS3).

Villarreal vs Olympique Lyonnais 20h00 (SS6). Viktoria Plzen vs Partizan 20h00. Zenit vs Celtic 20h00 (SS2). RB Leipzig vs Napoli 20h00 (SS10). Dynamo Kiev vs AEK Athens 20h00 (SS5).

Atletico Madrid vs Copenhagen 20h00 (SS3). Lazio vs FC SB 20h00. Sporting CP vs Astana 20h00 (Maximo 1).

Sporting Braga vs Olympique Marseille 22h05 (Maximo 1). Salzburg vs Real Sociedad 22h05. Arsenal vs Ostersunds FK 22h05 (SS3). Milan vs Ludogorets 22h05 (SS2). Athletic Club vs Spartak Moscow 22h05 (SS10).

Atalanta vs Borussia Dortmund 22h05 (SS6).

Eye-English Premiershi­p engempelas­onto yona iqhathwe kanje:NGOMGQIBEL­O Leicester City vs Stoke City 14h30 (SS3).

AFC Bournemout­h vs Newcastle United 17h00 (SS8).

Brighton & Hove Albion vs Swansea City 17h00. Burnley vs Southampto­n 17h00 (SS5). West Bromwich Albion vs Huddersfie­ld Town 17h00.

Liverpool vs West Ham United 17h00 (SS3). Watford vs Everton 19h30 (SS3). NGESONTO Crystal Palace vs Tottenham Hotspur 14h00 (SS3).

Manchester United vs Chelsea 16h05 (SS3).

EyeSpanish La Liga yona imi kanje:Kusasa ngoLwesith­athu: Deportivo La Coruna vs Espanyol 22h00 (SS7). NGOMGQIBEL­O Celta de Vigo vs Eibar 14h00 (SS7). Real Madrid vs Deportivo Alaves 17h15 (SS7). Leganes vs Las Palmas 19h30 (SS7). Barcelona vs Girona 21h45 (SS7). NGESONTO Villarreal vs Getafe 13h00 (SS7). Athletic Club vs Malaga 17h15 (SS7). Valencia vs Real Sociedad 19h30 (SS7). Sevilla vs Atletico Madrid 21h45 (SS7).

 ?? ISITHOMBE NGABE: PRINTEREST.COM ?? NGUMDLALI we-AC Milan, uPatric Cutrone, oyalwe ngumqeqesh­i ukuba aqinise ekuzitiken­i ngocansi.
ISITHOMBE NGABE: PRINTEREST.COM NGUMDLALI we-AC Milan, uPatric Cutrone, oyalwe ngumqeqesh­i ukuba aqinise ekuzitiken­i ngocansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa