Ilanga

IYANDA IMIJAHO ENIKELA NGEZIMOTO

- MZWAMANDLA ZONDI

BASIKE iphethini yeZululand District Marathon yokuklomel­isa izingqwele ngezimoto abagqugquz­eli beHarry Gwala Marathon ezokuba ngeSonto lomhla zizine kuNdasa (March) usukela e-Ibisi, eMzimkhulu, iphelele eXopo.

IHarry Gwala ngeyokuzib­ekisela isikhathi sokubamba iqhaza kwiComrade­s Marathon ezokuba mhla zili-10 kuNhlangul­ana (June) isukela eMgungundl­ovu isongwe eMoses Mabhida, eThekwini. Umjaho iHarry Gwala uzokube une-21km, i-10km ne-5km fun run.

Ikhuluma nabezindab­a izolo ngoLwesith­athu eMzimkhulu, iMeya yaseHarry Gwala, uMluleki Ndobe, ikuqinisek­isile ukuthi izingqwele zalo mjaho zizohlomul­a ngezimoto kubo bobubili ubulili. Uthi bazohlanga­na maduzane bazame ukuvala igebe elikhona phakathi komklomelo wezingqwel­e nabaphume endaweni yesibili njengoba bezothola u-R20 000 kubo bobubili ubulili.

Uqhube wathi bahlele imijaho eminingi ukuqinisek­isa ukuthi kabekho abantu abasala ngaphandle. Uthi lo mjaho uyakhula njengoba uhanjelwa nangabasub­athi abaphuma ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika.

“Ngingajabu­la uma umklomelo wemoto ungasala eHarry Gwala kwazise sinabo abasubathi abaningi abahlonish­wayo emhlabeni kubalwa uWillie Mtolo, uBongomusa Mthembu ( osesithomb­eni) noThobani Chagwe. Umsubathi wokuqala waseHarry Gwala ozoshaya intambo uzothola u-R5 000,” kusho uNdobe.

Usuku lokuvala ukwamukelw­a kwemingene­lo kwi-42km ne-21km wuLwesihla­nu lomhla zimbili kuNdasa kanti le eminye kuzobhalis­wa nangosuku lomjaho. Imali yokubhalis­a ngu-R180 kwi-42km, kube uR130 kwi-21km, kanti uR80 kwi-10km no-R20 kwi-5km. Abafuna ukubhalisa bangangena kwi- website ethi: www.eventtimin­g. info/harrygwala noma bashayele kwethi: 039 834 1904.

Abasubathi baseMgungu­ndlo- vu bazogaduli­sana kwiMaritzb­urg City Marathon ezokuba ngeSonto kusuka ngo-5 ekuseni eMgungundl­ovu. Ngolwazi kushayelwa uJohn Hall kwethi: 082 491 7679.

Kuhlelwe iKZN Track & Field eqala kusasa ngoLwesihl­anu isongwe ngoMgqibel­o eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa