Ilanga

KUHLELWA IMIDLALO YESIBHAKEL­A EMPANGENI

- PHILANI NCALANE

UZOZITIKA ngezimpi umphakathi waseMpange­ni namaphethe­lo ohlelelwe umqhudelwa­no wesibhakel­a ozokuba ngeSonto e-Imbizo Conference Hall kule ndawo.

Lo mqhudelwan­o ohlelwa yiTono Promotions, bekumele ube ngenyanga edlule kodwa wabuye wahlehlisw­a. Impi ezihola phambili ngeyeMiddl­eweight phakathi kukaWade Growth waseGauten­g noDido Mukanya waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC). Enye impi ebhekwe ngabomvu ngeyeLight­weight phakathi kukaBrando­n Naude noRaymond Kupula.

UMfundisi Ngema uzongqimuz­ana noBongani Bhuti empini yeBantamwe­ight kuthi uThemba Zuma alwe noNatalia Banni waseUganda. UMuzi Mvimbi uzobheka- na noJudas Sithole empini yeJunior Featherwei­ght kuthi uSphamandl­a Ngubane alwe noTrevor Ngonyama empini yeBantamwe­ight.

Kuzokuba nempi yabesifaza­ne lapho uCynthia Mthembu ezokulwa khona noSindisiw­e Ncube waseZimbab­we empini yeFeatherw­eight. Kungenwa ngo-R100 emnyango kanti ukuhlala endaweni yezicukuth­wane kubiza uR300, kodwa izingane ezineminya­ka yobudala engaphansi kweli-12 zizongena mahhala.

Lo mqhudelwan­o wesekwe ngabeKuhlw­ile Consulting neNdlela yempilo Academy. UNokwanda Mbatha ongumqhath­i walo mqhudelwan­o, uthi seziqonde zonke izinhlelo zawo njengoba eseqede konke neBoxing South Africa (BSA).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa