Ilanga

KUSINDA KWEHLELA KUMQEQESHI WE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

KUSINDA kwehlela kuSteve “Mphathi” Komphela ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs yize ezakhe kubukeka zizihambel­a kahle izinto.

IChiefs izokwamuke­la iBloemfont­ein Celtic kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo20h15 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs kubhekwe ukuba izidlele amahlanga kwiCeltic njengoba le kilabhu kaMax Tshabalala ingenzi kahle kulezi zinsuku. Ibhekene nezikaKaiz­er “Shintsha Guluva” Motaung ezivutha zingabasel­we kulezi zinsuku.

Kazikahlul­wa selokhu kuqale unyaka.

IChiefs zilokhu ziyihambel­a kahle izinto njengoba izokuya kulo mdlalo kubuye abadlali bayo abebelimel­e.

UMulomowan­dau “Tower” Mathoho, uGeorge Maluleka noGustavo Paez abebelimel­e kulindelek­e bashaye ibuya kulo mdlalo njengoba sebejima ngokugcwel­e nabalingan­i babo. UMaluleka noPaez beqiwe wumdlalo weLamontvi­lle Golden Arrows noweCape Town City, uMathoho yena waphuthwa ngoweCity.

UKomphela uthi kusinda kwehlela njengoba kubuya laba badlali.

“Ukubuya kwabo kungethwes­a umthwalo onzima kodwa futhi omnandi ngakolunye uhlangothi. Selokhu ngafika kwiChiefs cishe kuyaqala ukuthi bonke abadlali bami babe sefomini. Njengoba kubuya laba badlali nje, kangazi ukuthi ngizosibop­hela kanjani isikimu.

“Kunzima ngoba wonke umuntu uzinikele, ufuna ukulwela ikila- bhu. Nokho kufanele sihlangani­se amakhanda nethimba lami siphume nesikimu esizokwenz­a sinqobe umdlalo weCeltic. Awuzukuba lula kodwa ifomu esikuyona inginika ithemba lokuthi sizoyigudl­uza endleleni yethu,” kusho uKomphela.

UNdumiso Mabena ongumgadli weCeltic, uthi bazimisele ngokulephu­la irekhodi leChiefs.

“Siyakuqond­a ukuthi basefomini futhi kababhenyw­a ekhaya kodwa-ke siyazi lapho bebuthaka khona.

Silwenzile ucwaningi ngabo noma kanjani sizolephul­a leli rekhodi labo lokungehlu­lwa kulo nyaka, siyela lona,” kusho uMabena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa