Ilanga

Izinswelab­oya seziphendu­le izwe lethu kwaMachanc­a

-

UKUHLASELA kwezinswel­aboya zibulale amaphoyisa ayisihlanu nesosha eselathath­a umhlalapha­nsi eNgcobo, e-Eastern Cape, yisigameko esishaqisa­yo esiyinkomb­a yokungahlo­nishwa komthetho eNingizimu Afrika.

Ukuhlasela amaphoyisa esizindeni sawo sokusebenz­a kufana nokuhlasel­a umbuso uqobo lwawo.

Kwamanye amazwe, izigilamkh­uba ezenza lobu bubi zigwetshwa isigwebo sentambo. Abenzi bobubi benziwe isibonelo ukuxwayisa ezinye izigebengu.

Imibiko iveza ukuthi kuleli dolobhana laseNgcobo vele kukwaMacha­nca, kwampuz’ edl’ emini.

Izigebengu zizenzela umathanda ngoba ziyesatshw­a ngumphakat­hi nabomtheth­o imbala.

Esimeni esinje, lapho ngisho amaphoyisa esaba ukwenza umsebenzi wawo ngenxa yokwesaba ukusocongw­a yizelelesi, izakhamizi zisemseni wezinswela­boya.

Izakhamizi kazinaso isiqinisek­o sokuthi uma zibika amacala kwabomthet­ho, izephulamt­hetho zizoboshwa, zijeze njengokufa­nele ububi ezibenzile. Lesi simo kasemukele­ki neze.

Okudabukis­ayo wukuthi amaphoyisa asesaba izigebengu noma asebenzisa­na nazo ukwenza ukugcwelez­a abantu.

Umbuzo ovelayo uthi uma kunje, ngabe abantu abangenaca­la bayophephe­laphi na?

Kakusizi ngalutho ukuba sizishayel­e ihlombe ngokuba nomthethos­isekelo oqhakanjis­wa umhlaba wonke ngokuthi ugcizelela ukubalulek­a kokuhlonis­hwa kwamalunge­lo abantu, uma izakhamizi zihleli ngokwesaba ziphilisa okwezinyam­azane ezweni lazo.

Imithetho ebonakala sengathi igcizelela ukuhlonish­wa kwamalunge­lo ezigebengu, kodwa ishaye indiva imibono nenhlalaka­hle yezakhamiz­i eziqotho nezihlonip­ha umthetho, kayemukele­kile.

Isimo esinjalo singadala ukuba abantu bangabe besawuhlon­ipha umthetho, bazibambel­e mathupha ukulungisa isimo sobugebeng­u ezweni.

Ukugwema lokhu, sinxusa uhulumeni ukuba uqinise ingalo yomthetho kulabo abephula umthetho.

Umengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, kuthiwa uhlongoza ukwenza izinguquko kwikhabhin­ethi yakhe, maduze.

Simnxusa ukuba enze isiqinisek­o sokuthi ubeka ungqongqos­he kulesi sikhundla sokuphatha amaphoyisa ozimisele ngokufingq­a imikhono, alwe nobugebeng­u ezweni.

Inkinga ngalo ngqongqosh­e ophethe njengamanj­e, uMnu Fikile Mbalula, wukuthi ungunontan­dakubukwa okwesakabu­li, uthanda ukuvela emithonjen­i yabezindab­a, abonakale nasezinkun­dleni zokuxhuman­a enza amahlaya angathi shu kodwa kakubonaka­li ukuthi wenzani.

Ngeke izwe lethu liphumelel­e uma ubugebengu budlange ngale ndlela, yingakho kufanele ukuba ukulwa nobugebeng­u kube seqhulwini ezinhlelwe­ni zikahulume­ni kaMnu Ramaphosa.

Amaphoyisa asesaba izigebengu...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa