Kungase kuqale ukufunda eDUT
Kubekwe umnqamulajuqu wezinsuku ezintathu
IBEKELWE umnqamulajuqu wezinsuku ezintathu iDurban University of Technology (DUT) ukuxazulula izinkinga zesiteleka esithinta amaholo ezisebenzi esesiholele ekubeni kumiswe zonke izinto kulesi sikhungo.
Isekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme kuzwelonke, uMnu Buti Manamela, uzifikele mathupha kulesi sikhungo ngoLwesibili eyongenelela njengoba selokhu kuqale unyaka kakukaze kufundwe ngoba izisebenzi zitelekile.
Kulo mhlangano wesigungu senyuvesi, izinyunyana noMnu Manamela, kuvunyelwane ngokuba kubuyekezwe konke obekungavunyelwana ngakho.
“Sivumelene nazo zonke izinhlaka ngokuba kubuyelwe etafuleni, kanti nabafundi abaphazamisekile bebhalisela lo nyaka bazonikwa elinye ithuba, baqhubeke babhalise,” kusho uMnu Manamela.
Izingxoxo zokubuyela etafuleni ziqale izolo ngoLwesithathu kanti kulindeleke ukuba kushaye usuku lwakusasa ngoLwesihlanu seziphothuliwe. Makhulu amathuba okuba ngoMsombuluko kuqale ukufunda nokufundisa nakuba bekunesivumelwano sokuba kubuyelwe emakilasini namhlanje ngoLwesine.
UNobhala weNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu), uNkz Mbali Toza eDUT, uthi isiteleka bazosihoxisa ngoba inyuvesi isivumile ukuba kuxoxwe. Utshele ILANGA ukuthi imfundo ngeyo- mphakathi, ngakho-ke kubalulekile ukuba bayivikele. Uveze nokuthi bazobuyela ezisebenzini bazitshele ngezingxoxo zabo noMnu Manamela.
Kulo mhlangano kuvezwe nokuthi abakwaCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA), bazongamela lolu daba njengoba nabo kade beyingxenye yomhlangano wokuzama ukuxazulula izinkinga. Kulesi sikhungo akukaze kufundwe ngoba izisebenzi bezifuna ukwenyuselwa amaholo ngo10% zagcina zehlele ku-8.5% kanti inyuvesi yona ifuna ukuwenyusa ngo-6.5%.
Emasontweni edlule, umphathi wenyuvesi, uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe kayikho imali efunwa yizisebenzi. Uthi nyakenye kunesikweletu sika-R220 million esingakhokhwanga yizitshudeni.
Uthe le nyuvesi idonsa kanzima kwezemali ngoba basohlelweni lokulungisa ingqalasizinda. Uveze nokuthi u-68% wesabelomali uya emaholweni ezisebenzi. okuyinto athi kayamukelekile ngoba kumele ngabe baphakathi kuka-58% okusho ukuthi ukwenyuswa kwemali kakhulu ngabe kusho ukuthi kwawona u-68% kuzodlulwa kuwona.
Izolo umphathi wenyuvesi uthe usenethemba lokuthi izingxoxo zizoholela ekubeni kuqalwe ukufunda nokufundisa. Ubonge abafundi nabazali ngokumbekezelela kulesi sikhathi esinzima abebhekene naso.