Ilanga

UKHALA NGOMMELI "OBEMQOLA" EYE-RAF

- SKHOSIPHI MTHEMBU noTHANDEKA NGOBESE

OPHUKE unyawo engozini yemoto usola ummeli ngokufuna ukumqola isizumbulu samarandi emalini yesinxephe­zelo yakwaRoad Accident Fund (RAF).

UMnu Nkanyiso Mbatha ( osesithomb­eni) waKwaNongo­ma ukhala uyazithuli­sa ngommeli wakhe athi uzama ukumqola ingxenye kaR800 000 anxeshezel­wa ngawo yiRAF.

UMnu Mbatha uthi namanje akasikholw­a isenzo salo mmeli, ILANGA elinalo igama lakhe, amsola ngokuzama ukukhwaban­isa uR300 000 ku-R800 000 okhishwa ngabakwaRA­F.

UMnu Mbatha uthi ufake isicelo salesi sinxepheze­lo emuva kokushayis­wa yimoto ngowezi-2015 esemsebenz­ini lapho ebengunoga­da khona. Ugcine eshiya emsebenzin­i emuva kwale ngozi njengoba esefakwe nensimbi onyaweni.

Uthi okwenze wagcina eseqoka ukuthola ummeli wukuthi abakwaRAF nabo ubesesola ukuthi kukhona ubugebengu ababenzayo njengoba bese bemtshela ukuthi ngeke esakhokhel­wa imali ngoba useluleme.

“Emuva kokulimala ngifake isicelo kwaRAF kwazise bengingasa­sebenzi. Kuhambe isikhathi abakwaRAF eThekwini bangitshel­a ukuthi basitholil­e isicelo sami, bangiyalel­a ukuba ngilinde. Bengilokhu ngixhumana nabo kwathi ngowezi-2016 bangithint­a, bengazisa ukuthi ngizoyitho­la imali yami.

“Bafikile ekhaya bangisayin­isa wonke amaphepha, bacela neminining­wane yami yasebhange. Kudlule izinyanga kuthulekil­e ngase ngiphindel­a khona ngiyobheka ukuthi kubambeni. Bangitshel­e ukuthi ngeke ngisakhokh­elwa imali ngoba sengelulem­e ekubeni nginensimb­i engiphila nayo.

“Ngibone kungcono ukuba ngithole ummeli ozongisiza kulokhu,” kusho yena. Uthi ekupheleni kukaMasing­ana ( January) nonyaka wathola umlayezo kwabakwaRA­F bethi makaxhuman­e nommeli wakhe ngokushesh­a.

“Ngimthinti­le ummeli wathi angize ehhovisi lakhe eThekwini. Ngifike kuyena wangitshel­a ukuthi isicelo sami sesivunyiw­e futhi ngizokhokh­elwa u-R500 000 bese yena ethatha eyakhe eyi-R125 000. Uthe uzonginika isaphulelo sezi-R25 000 bese ethatha u-R100 000 nje kuphela.

“Ungidonse ngendlebe ukuba ngingaloko­thi ngiye kwaRAF ngiyobuza ngalokhu ngoba ngizophaza­misa zonke izinhlelo. Lokhu-ke kungisolis­ile ngabe sengiya kwaRAF ngenhloso yokuthola iqiniso. Ngifike khona bakuqinise­kisa ukuthi isicelo sami samukeliwe futhi imali engizokhok­helwa yona wu-R800 000.

“Lokhu kungethusi­le ngoba kuphambene nokushiwo ngummeli wami. Ngiyasola ukuthi inhloso yakhe bekuwukuba enye ingxenye yale mali ayithathe,” kusho uMnu Mbatha.

UNkz Nomkhosi Gumede, ophethe ezokuxhuma­na nezokumake­tha kwaRAF KwaZulu-Natal, uthe ingamampun­ge eyokuthi umuntu akayitholi imali uma eseluleme.

“Uma isicelo sakho siphumelel­e futhi kunobufaka­zi bokuthi ulimale ngempela, uyithola iphelele imali yakho. Kumele ashintshe imininingw­ane yasebhange, imali izongena kuye bese emkhokhela yena ummeli,” kusho uNkz Gumede.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa