Ilanga

UZIBONA EFE EPHILA ONOMAZISI "OYIWELE"

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

USEZIBONA efe ehamba owesilisa waseMayvil­le, onenkinga yokuba nomazisi “oyiwele” nensizwa yaseGoli.

UMnu Thandukwaz­i Dube (33) utshele ILANGA ukuthi usegqigqe kwaze kwaguga izicathulo emahhovisi akwandabaz­abantu aseMngeni, eThekwini, kodwa engaluthol­i usizo, emuva kokutholak­ala kokuthi umazisi wakhe “uyiwele” nosetshenz­iswa ngowesilis­a waseGoli.

Ukhala nangokunga­yitholi incazelo eqondile kwandabaza­bantu ngokumele akwenze ukuxazulul­a le nkinga esimise yonke into yakhe.

Uthi uthole ukuthi kunomuntu osebenzisa umazisi ofana nowakhe ngesikhath­i eyovula i-akhawunti ebhange nyakenye.

“Ngesikhath­i ngithola lo mbiko, ngiqonde kwandabaza­bantu eMngeni ngiyoqinis­ekisa lokhu. Obengisiza ukuqinisek­isile ukuthi kunowesili­sa waseGoli onomazisi onemininin­gwane efana ncamashi neyami.

“Kuthiwe ukuze ngisizakal­e, kuzomele kushintshw­e inombolo eyodwa kumazisi wami. Ngivumile.

“Manje kangisazi ukuthi yini ebambe ukuthi kubuye omusha kwazise ngitshelwe ngoNdasa ( March) ukuthi umazisi uzobuya emuva kwezinyang­a ezintathu.

“Ngikhuluma nje kangikwazi ukwenza lutho ngenxa yobudedeng­u obenzekile njengoba kungekho okungilung­elayo. Ngiyehla ngiyenyuka emahhovisi akwandabaz­abantu kodwa usizo kangilutho­li,” kuzikhalel­a uMnu Dube.

Uthi kayikho into ayiphilela­yo ngoba akehlukile kumuntu ongasekho emhlabeni.

IMenenja yoMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al, uMnu Cyril Mncwabe, ithe bazophenya ukuthi yini ebambe ukuba umazisi kaMnu Dube ungabuyi.

“Imbangela yokuthi umazisi wakhe ungabuyi kungaba wukuthi abomnyango basathunga­tha umlisa oseGoli ukuze inkinga izolungise­ka ngendlela efanele,” kusho uMnu Mncwabe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa