Yizimo esidlula kuzo ezisenza amaqhawe
KUNABANTU esibabonile emhlabeni bethweswa iziqu esibabiza ngamaqhawe. Kukhona esibabonile behlonywa uphaphe lwegwalagwala okusho ukuthi bangamaqhawe.
Iqhawe noma ubuqhawe akuyona into ebonakala ekuseni kodwa yinto ebonakala ilanga seliyoshona. Kunabantu esingabathatha kancane ngenxa yezimo ezibehlelayo, abanye sibahleke, abanye sizenyeze ukuhamba nabo kodwa kusasa sizokube sesinamahloni sesikhophozela sesibavuma ukuthi cha uyiqhawe.
Iqhawe lakhiwa yizimo eseladlula kuzona. Nazi izithako bantu bakithi ezibalulekile ezakha iqhawe phansi komthunzi welanga. Akunandaba ukuthi unezitha ezingakanani nokuthi unabantu abaningi kangakanani abakuhlebayo nabangakufuni.
Ungabojatshuliswa uqhoshe ngokuthi abantu vele bayakumonazela. Wonke umuntu emhlabeni angaqhosha ngokuthi unezitha eziningi. Kulula ukuba nezitha eziningi, kulula ukuba nabantu abangakufuni kodwa ubuqhawe bakhiwa wukuthi bangakanani abantu abebengakufuni asebekufuna namhlanje, abebekade bekukhuluma kabi kodwa asebekuvuma namhlanje.
Ngamanye amazwi ngiqonde ukuthi umuntu oyiqhawe ngokwazi ukwenza izitha zigcine sezimvuma zimlandela. Musa ukujatshuliswa wukuthi kwenu abakufuni, abakwakho abakufuni, emsebenzini abakufuni kodwa jatshuliswa wukuthi ekuqaleni bebengakufuni kodwa ekugcineni sebeyakuvuma.
Ungakubalekeli ukuthi uNelson Mandela uliqhawe. Ngezikhathi zobandlululo, amaBhunu kunamagama ayembiza ngawo, kodwa ekugcineni amkhothamela abona ukuthi uyiqhawe umholi lo. Singakubalekeli ukuthi uJesu babethi uzenza iNkosi yamaJuda bembiza ngawo wonke amagama bethi uyingane yesihlahla, kodwa mhla esebethelwa bebona ilanga licasha, kuguqubala, kuzamazama umhlaba, kudabuka indwangu yethempeli, mhla egebisa ikhanda esiphambanweni bamvuma abanye bezwakala bethi ngempela lo ubeyindodana kaNkulunkulu.
Ngisho iselelesi esasilenga naye sambhinqa ekuqaleni kodwa samvuma ekugcineni. UJosefa eBhayibhelini abafowabo bamthatha kancane kodwa bamvuma ekugcineni. Ngiyafisa wonke umuntu ophilayo emhlabeni ukuba angafi abantu bamthathe kancane nabantu abakhulume kabi bengavumanga.
Wonke umuntu ongathi shu emhlabeni ujatshuliswa yilezo zinto ezingabalulekile kodwa zibuze umbuzo othi bangakanani abantu osubashintshile abakade bengakufuni kodwa sebeyakufuna. Wukuba yiqhawe-ke lokho.
Okokugcina iqhawe akuzona izindondo ezilenga esifubeni. Ungabobala izicoco zomuntu ukuthi zingaki kodwa ubobala imivimbo esemhlane womuntu. Mingakanani imivimbo lo muntu asedlule kuyona, omama bazokutshela ukuthi ukuba ngumama ozomisa umuzi wakhe kufanele uphendule lo mbuzo othi: “Usubekezele kangakanani noma izimo sezikuphoqa ukuthi yeka kodwa ungayeki?”
Phela umama akusona isiketi eside, nodoli ezitolo bayasigqoka isiketi eside kodwa lokho ngeke kwenze ukuba udoli abe ngumama. Ngiyaphinda ngithi umama wakhiwa yizimo abhekene nazo kodwa wama. Kunjalo nendoda akusiyona intshebe ngoba nembuzi inentshebe, kodwa indoda ngumuntu okwazi ukuma noma abantu sebeshilo ukuthi akusondoda lena kodwa indoda ime futhi ikholelwe ebudodeni bayo.
Abanye abantu bayokuhleka bakuthathe kancane ngenxa yokuthi usesesigabeni sokuba yisiphungumangathi. Uma usuka ekubeni yisiphungumangathi ube i- pupa lezo yizigaba ezithatheka kancane uma kusakhiwa uvemvane. Kunabantu empilweni abasithatha kancane ngenxa yokuthi sisadlula ezigabeni ezithile zempilo. Ubobuza uvemvane njengoba selundiza phezulu lunemibala emihle nje, lwaqala lwathatheka kancane luseyisiphungumangathi.
Yisigaba esibi leso, uma lusuka kuleso sigaba uvemvanee lwaba yi- pupa isigaba esinyanyisayo leso bathi besaluthatha kancane uvemvane ngoba lusekuleso sigaba, balubona selunamaphiko lwandiza. Uvemvane kaluzalwa lundiza kodwa luqala luhuhuluze phansi khona ondaba bezolukhuluma kabi kanti kabazi ngenkathi bekhuluma lona lumila izimpiko.
Sengivala, ngiyaphinda ngithi kumfundi weLANGA ngeke ufe abantu abakuthathe kancane nabakukhulume kabi bengacashanga mhla bekubona ngenxa yezinga uNkulunkulu azokube esekuphakamise wakubeba kulona. Singakubalekeli ukuba phansi ngoba zonke izinto eziphezulu ziqala phansi kodwa ithuna lodwa elithi uma lakhiwa liqale phezulu bese liya phansi.