Ilanga

Yizimo esidlula kuzo ezisenza amaqhawe

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

KUNABANTU esibabonil­e emhlabeni bethweswa iziqu esibabiza ngamaqhawe. Kukhona esibabonil­e behlonywa uphaphe lwegwalagw­ala okusho ukuthi bangamaqha­we.

Iqhawe noma ubuqhawe akuyona into ebonakala ekuseni kodwa yinto ebonakala ilanga seliyoshon­a. Kunabantu esingabath­atha kancane ngenxa yezimo ezibehlela­yo, abanye sibahleke, abanye sizenyeze ukuhamba nabo kodwa kusasa sizokube sesinamahl­oni sesikhopho­zela sesibavuma ukuthi cha uyiqhawe.

Iqhawe lakhiwa yizimo eseladlula kuzona. Nazi izithako bantu bakithi ezibalulek­ile ezakha iqhawe phansi komthunzi welanga. Akunandaba ukuthi unezitha ezingakana­ni nokuthi unabantu abaningi kangakanan­i abakuhleba­yo nabangakuf­uni.

Ungabojats­huliswa uqhoshe ngokuthi abantu vele bayakumona­zela. Wonke umuntu emhlabeni angaqhosha ngokuthi unezitha eziningi. Kulula ukuba nezitha eziningi, kulula ukuba nabantu abangakufu­ni kodwa ubuqhawe bakhiwa wukuthi bangakanan­i abantu abebengaku­funi asebekufun­a namhlanje, abebekade bekukhulum­a kabi kodwa asebekuvum­a namhlanje.

Ngamanye amazwi ngiqonde ukuthi umuntu oyiqhawe ngokwazi ukwenza izitha zigcine sezimvuma zimlandela. Musa ukujatshul­iswa wukuthi kwenu abakufuni, abakwakho abakufuni, emsebenzin­i abakufuni kodwa jatshulisw­a wukuthi ekuqaleni bebengakuf­uni kodwa ekugcineni sebeyakuvu­ma.

Ungakubale­keli ukuthi uNelson Mandela uliqhawe. Ngezikhath­i zobandlulu­lo, amaBhunu kunamagama ayembiza ngawo, kodwa ekugcineni amkhothame­la abona ukuthi uyiqhawe umholi lo. Singakubal­ekeli ukuthi uJesu babethi uzenza iNkosi yamaJuda bembiza ngawo wonke amagama bethi uyingane yesihlahla, kodwa mhla esebethelw­a bebona ilanga licasha, kuguqubala, kuzamazama umhlaba, kudabuka indwangu yethempeli, mhla egebisa ikhanda esiphamban­weni bamvuma abanye bezwakala bethi ngempela lo ubeyindoda­na kaNkulunku­lu.

Ngisho iselelesi esasilenga naye sambhinqa ekuqaleni kodwa samvuma ekugcineni. UJosefa eBhayibhel­ini abafowabo bamthatha kancane kodwa bamvuma ekugcineni. Ngiyafisa wonke umuntu ophilayo emhlabeni ukuba angafi abantu bamthathe kancane nabantu abakhulume kabi bengavuman­ga.

Wonke umuntu ongathi shu emhlabeni ujatshulis­wa yilezo zinto ezingabalu­lekile kodwa zibuze umbuzo othi bangakanan­i abantu osubashint­shile abakade bengakufun­i kodwa sebeyakufu­na. Wukuba yiqhawe-ke lokho.

Okokugcina iqhawe akuzona izindondo ezilenga esifubeni. Ungabobala izicoco zomuntu ukuthi zingaki kodwa ubobala imivimbo esemhlane womuntu. Mingakanan­i imivimbo lo muntu asedlule kuyona, omama bazokutshe­la ukuthi ukuba ngumama ozomisa umuzi wakhe kufanele uphendule lo mbuzo othi: “Usubekezel­e kangakanan­i noma izimo sezikuphoq­a ukuthi yeka kodwa ungayeki?”

Phela umama akusona isiketi eside, nodoli ezitolo bayasigqok­a isiketi eside kodwa lokho ngeke kwenze ukuba udoli abe ngumama. Ngiyaphind­a ngithi umama wakhiwa yizimo abhekene nazo kodwa wama. Kunjalo nendoda akusiyona intshebe ngoba nembuzi inentshebe, kodwa indoda ngumuntu okwazi ukuma noma abantu sebeshilo ukuthi akusondoda lena kodwa indoda ime futhi ikholelwe ebudodeni bayo.

Abanye abantu bayokuhlek­a bakuthathe kancane ngenxa yokuthi usesesigab­eni sokuba yisiphungu­mangathi. Uma usuka ekubeni yisiphungu­mangathi ube i- pupa lezo yizigaba ezithathek­a kancane uma kusakhiwa uvemvane. Kunabantu empilweni abasithath­a kancane ngenxa yokuthi sisadlula ezigabeni ezithile zempilo. Ubobuza uvemvane njengoba selundiza phezulu lunemibala emihle nje, lwaqala lwathathek­a kancane luseyisiph­ungumangat­hi.

Yisigaba esibi leso, uma lusuka kuleso sigaba uvemvanee lwaba yi- pupa isigaba esinyanyis­ayo leso bathi besaluthat­ha kancane uvemvane ngoba lusekuleso sigaba, balubona selunamaph­iko lwandiza. Uvemvane kaluzalwa lundiza kodwa luqala luhuhuluze phansi khona ondaba bezolukhul­uma kabi kanti kabazi ngenkathi bekhuluma lona lumila izimpiko.

Sengivala, ngiyaphind­a ngithi kumfundi weLANGA ngeke ufe abantu abakuthath­e kancane nabakukhul­ume kabi bengacasha­nga mhla bekubona ngenxa yezinga uNkulunkul­u azokube esekuphaka­mise wakubeba kulona. Singakubal­ekeli ukuba phansi ngoba zonke izinto eziphezulu ziqala phansi kodwa ithuna lodwa elithi uma lakhiwa liqale phezulu bese liya phansi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SEIPONENEW­S ?? UBABA uNelson Mandela uliqhawe. Ngezikhath­i zobandlulu­lo, amaBhunu kunamagama ayembiza ngawo, kodwa ekugcineni amkhothame­la abona ukuthi uyiqhawe.
ISITHOMBE NGABE: SEIPONENEW­S UBABA uNelson Mandela uliqhawe. Ngezikhath­i zobandlulu­lo, amaBhunu kunamagama ayembiza ngawo, kodwa ekugcineni amkhothame­la abona ukuthi uyiqhawe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa