Ilanga

IZINGUQUKO ZEMIKLOMEL­O KOWE-ZDM

- MZWAMANDLA ZONDI NCALANE

IZULULAND District Municipali­ty (ZDM) ihlongoza ukunciphis­a igebe elikhona kwimiklome­lo yezingqwel­e nabaphume isibili kwiZDM Ultra (56) Marathon ezokuba mhla ziyi-11 kwephezulu isukela KwaGqikazi KwaNongoma isongwe esikhumulw­eni sezindiza Olundi.

Izingqwele zithola izimoto kubona bobubili ubulili bese kuthi abangene isibili bahlomule ngo-R20 000. Abasubathi abaningi bakhombise ukunganeli­seki ngenxa yegebe elikhona kwimiklome­lo.

UThulasizw­e Buthelezi oyiMeya yaseZulula­nd utshele abezindaba ngoMsombul­uko ukuthi bazohlanga­nisa amakhanda babone ukuthi lizovalwa kanjani igebe elikhona phakathi kwezingqwe­le nabaphume isibili. Umjaho wanonyaka ugubha iminyaka eli-13 wasungulwa.

Kulo mjaho kulindelek­e abasubathi abaningi ikakhuluka­zi labo abazimisel­e ukuba yingxenye yeComrades Marathon ezokuba mhla zili-10 kuNhlangul­ana (June) isukela eMgungundl­ovu isongwe eMoses Mabhida, eThekwini. Umgijimi wokuqala waseZulula­nd ogijimela ikilabhu yaseZulula­nd uzothola u-R10 000.

Lo mjaho uzokube uhambisana ne-10km ezojikelez­a oLundi lapho izingqwele zawo zizohlomul­a ngoR4 000. Ukuwubhali­sela sekuvuliwe kuze kube wusuku lwawo. Abanesifis­o sokuwungen­ela bangangena kwi-website ethi: www. zululand.org.za noma bashayele enombolwen­i ethi: 035 874 5500. Ukubhalisa kuzovalwa ngosuku lo mjaho.

Abasubathi baKwaZulu-Natal bazokhipha­na inkani kwiHarry Gwala Marathon engeSonto ekhipha imiklomelo efanayo neyeZDM. IHarry Gwala izokube ihambisana ne-42km ezosukela e-Ibisi, i-21km eqala edolobheni eMzimkhulu, i-10km eqala phakathi kweMzimkhu­lu neXopo.

Kuzovalwa ngoLwesihl­anu ukubhalise­la i-42km ne-21km bese kuthi i-10km ne-5km kuvalwe ngosuku lo mjaho. Ngolwazi kushayelwa uThemba Gumede kwethi: 072 948 8779 noma 039 834 1904.

IKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) izokube nemidlalo yezikole zamabanga aphansi ezoqala kusasa ngoLwesihl­anu isongwe ngoMgqibel­o eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa