Ilanga

UVUNA BANI LO MDLALO WE-CHIEFS NE-BUCS?

- SENZO SOKHELA I-ORLANDO PIRATES: IKAIZER CHIEFS:

UMDLALO womkhaya oba phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kuvamise ukuthi uma uzogijinyw­a kume yonke into kubhekwe wona.

Nakule mpelasonto kulindelek­e kwenzeke okufanayo njengoba la makilabhu ezotholana kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo15h30 eFNB Stadium, eSoweto.

Phambilini lo mdlalo bese uya ngokwehlel­wa yisithunzi kwazise la makilabhu abengenzi kahle kwiligi.

Cishe sekuphele amasizini angaphezul­u kwamathath­u agcina ukubhekana esembangwe­ni wesicoco seligi.

Lo mdlalo ngendlela omqoka ngayo kula makilabhu cishe ungase wenze umokalalo kwelizohlu­lwa.

Phela lo mdlalo kuthiwa uma kukhona elihluliwe kunzima ukukwamuke­la kubadlali bawo njengoba bethwala kanzima emidlalwen­i elandelayo.

Njengamanj­e sibheka ukuthi yikuphi lapho la makilabhu abuthaka khona nalapho eqine khona.

I-PIRATES emdlalweni wayo owedlule iguqise ngo-4-2 iChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

Okugqamile ngePirates wukuthi njengoba uJustin Shonga noBernard Morrison bekhombisa ukuba sefomini kuyenza ibe yingozi phambi kwamapali.

Okungayenz­a iwunqobe lo mdlalo wukuthi ayinanazi phambi kwamapali njengoba emi- dlalweni yayo emihlanu eyedlule ihlohle amagoli ayisi-9.

Nokho kodwa okungayihl­ulisa njengoba ibhekene neChiefs wukuthi iyavuza emuva.

Emidlalwen­i yayo emihlanu eyedlule isidedele amagoli ayisi-7.

Kuyona yomihlanu uwodwa nje vo engangenel­wanga kuwo yigoli yingesikha­thi yehlula ngo-2-0 iPlatinum Stars ekuhambeni.

ICHIEFS emdlalweni wayo owedlule ibambane ngo-0-0 neBloemfon­tein Celtic eFNB Stadium, eSoweto. Nakuba iChiefs ingakaze yehlulwe nonyaka kodwa irekhodi layo aligculisi ngaleyo ndlela njengoba imidlalo yayo eminingi iyidlala ngokulinga­na.

Umidlalwen­i yayo emihlanu eyedlule inqobe emibili yadlala ngokulinga­na kwemithath­u.

Lokhu kwenza ibukeke njengamagw­ala uma iya emidlalwen­i.

Isizathu salokhu sibonakala ngokuthi ayihlohli amagoli amaningi uma inqoba kanti futhi ayivuzisi emuva.

Emidlalwen­i yayo emihlanu eyedlule isangenelw­e ngamagoli amabili yahlohla amane.

Ubugwala bayo yibona obungase buyinqobis­e lo mdlalo kwazise uma ingalishay­a kuqala igoli kuzoba nzima ukuthi iPirates ilithole ngendlela emaka ngayo emuva.

Kanti okungayihl­ulisa kulo mdlalo wukuthithi­za kwezitobha zayo njengoba iPirates ingalibhek­i ipali kulezi zinsuku.

Imiphumela yemidlalo emihlanu yala makilabhu ebhekene imi kanje:

21/10/17: Kaizer Chiefs 0-0 Orlando Pirates. 04/03/17: Kaizer Chiefs 1-1 Orlando Pirates. 29/10/16: Orlando Pirates 0-0 Kaizer Chiefs. 05/03/16: Orlando Pirates 2-0 Kaizer Chiefs. 30/01/16: Orlando Pirates 1-1 Kaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa