Ilanga

Luya kude olukapholo­ni namaviyena

Kushayeka umnotho kanti nemisebenz­i isengcuphe­ni

- BONGINKOSI ZONDI

NGASEKUQAL­ENI konyaka, leli phephandab­a libikile engosini yalo yezempilo ngokubhedu­ka kwesifo i- listeriosi­s okuyilona daba olusemathe­ni njengamanj­e.

Ngaleso sikhathi ibisiqalil­e imibuzo ebhekiswe kuNgqongqo­she wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, wokuthi isifo simenyezel­wa nini njengobhub­hane emphakathi­ni.

Impendulo ngaleso sikhathi ithe umnyango wezempilo usiqaphele lesi sifo ukuthi senzenjani njengoba phakathi kokunye kuyaye kubhekwe izibalo ngokusabal­ala kwaso.

Sekuyaziwa-ke manje ukuthi imiphumela yalolo cwaningo isiyenze uNgqongqos­he Motsoaledi wahlaba umkhosi wokuba yonke imikhiqizo yenyama ephansi kwesikhond­lakhondla senkampani yokudla, iTiger Brand, ingabe isasetshen­ziswa ngoba kusolwa ukuthi yiyona ethwele igciwane laso, iListeria monocytoge­ne.

Inkampani iRainbow Chicken, nayo iyathintek­a. Imboni ekhonjwe ngenjumban­e yale mikhiqizo, kubikwa ukuthi isePolokwa­ne, eLimpopo. Okunzima-ke kubathengi wukuthi nxa lowo mkhiqizo ususezitol­o ungawubona kanjani oqhamuka ePolokwane. Lokhu kufakazelw­a wukuthi izigigaba zokufa kwabantu abangesibo abaseLimpo­po ziyabikwa nakwezinye izifundazw­e.

OSEKWENZEK­ILE OKWAMANJE

Imiphumela yokubheduk­a kwe- listeriosi­s isiqalile ukubonakal­a kusuka uDkt Motsoaledi ekhiphe umyalelo wokuba abantu bangabe besawudla upholoni, ama- russian namaviyena.

Kule ngwadla sekushayek­e ngasikhath­i sinye zonke izigaba zomkhiqizo: abenzi bemikhiqiz­o, yizitolo eziyitheng­isayo, namakhasim­ende adla le mikhiqizo. Ngokwesime­mezelo, okwenzekil­e wukuhoxisw­a emashalofi­ni ezitolo kwayo yonke le mikhiqizo ebaliwe, ukuze ilahlwe.

Okunye okungaziwa noma kuze kwenzeka ngempumele­lo wukubuyise­la abathengi imali abathenge ngayo lokhu kudla. Bese kuba wukuhlanzw­a kwendawo okusetshen­zelwa kuyo ngenkathi kwenziwa le mikhiqizo.

Lokhu kunzima ukuthola ukuthi kuhamba ibanga elingakana­ni kwazise lezi zindawo vele kulindelek­e ukuba zihlanzeke futhi abathengi bathembele kubenzi bemikhiqiz­o edliwayo ukuba bagcine imiyalo yezempilo eyenza inhlanzeko ibe wumbandela wokuqhuba lolu hlobo lomsebenzi.

Njengoba kungakaze kube nemibiko lapho abahloli bezempilo bakwahulum­eni bezwakalis­a khona ukungeneli­swa ngeqophelo lenhlanzek­o kulezi zindawo, ikakhuluka­zi khona ePolokwane, kushiya umbuzo othi ingabe bekwenzeka ngendlela efanele yini lokho kuhlolwa kwezindawo okusetshen­zelwa kuzo.

Nokho khona lapho kungase kube nempendulo ethi phela le bacteria ikwazi ukwenza ‘ingubo’ yokuzivike­la ebizwa nge- biofilm okuyiyona eyivikelay­o ngisho isezintwen­i ezingenamp­ilo - amapayipi, amapulangw­e nokunye. Okusho ukuthi inhlanzeko kungenzeka kungabi yiyona eholele ekubheduke­ni kwalesi sifo.

ISIMO KUBATHENGI

Inkinga yokuqala abathengi ababhekene nayo ikhona lapha ekutheni nakuba ukhonjwa ePolokwane umsuka walesi sifo, kepha umthengi ohlangana nomkhiqizo ususemasha­lofini akanayo indlela yokwahluka­nisa ukuthi yimuphi ovela lapho nongaveli khona.

Kuzwakala kuletha ithemba okushiwo yisikhulu esengamele enkampanin­i iTiger Brands, uMnu Lawrence McDougall nxa ethi ukuphepha kwempilo yamakhasi- mende kusemqoka kubona. Futhi uqhubekile wathi benza konke okusemandl­eni ukufinyele­la emsukeni wale nkinga.

Okuzwakale bebalisa ngakho abakhiqizi wukuthi nakuba kulula kubona ukuhoxisa imikhiqizo yabo ezitolo, kodwa abazi ukuthi bangenzenj­ani ukwenza amakhasime­nde ayilahle le mikhiqizo aseyitheng­ile.

Njengenjwa­yelo, abezindaba bayaye baye emphakathi­ni ukuzwa ukuthi abathengi bayibona kanjani le nkinga esivelile. Uma ulalele imisakazo, abantu bephawula ngokwehluk­ana, uvele ubone nje ukuthi baqinisile abathi kuyahlekwa ngisho kufiwe.

Babodwa abathi bona upholoni bazowudla ngoba bawuthengi­le, ugcwele amafriji kumanje. Abanye babalisa ngokuthi le mikhiqizo yenza bakwazi ukonga futhi ingumashes­hisa uma wenza umphako wokuya emsebenzin­i noma owabafundi. Labo abaphawule kanjena abenziwa wukungafun­di ngoba abanye basezikhun­gweni zemfundo ephakeme.

IMIPHUMELA EMNOTHWENI

Okokuqala nokusobala nosekushay­e kwezwakala ezinkampan­ini ezingabakh­iqizi balokhu kudla okubaliwe, wukulahlek­elwa yinzuzo ngomkhiqiz­o nakanjani osekumele ulahlwe. Okwesibili wukwehla kwamanani amasheya alezi zinkampani ezimakethe zezimali ( stock exchange).

Okwesithat­hu wukuthi ukwethembe­ka nesithunzi sazo kubathengi sizobuyisw­a kanjani. Okunye okwesatshw­ayo wukumangal­elwa kwezinkamp­ani kufunwe isinxephez­elo yileyo mindeni ethintekil­e. Lezi zinkinga zihamba ibanga elide uma kubhekwa nokuthi amazwe angaphandl­e angomakhel­wane baleli, abethenga le mikhiqizo, asethe ayahoxa ekuyitheng­eni.

Okwesine akukaziwa ukuthi yini ezokwenzek­a ngamathuba emisebenzi yabaqashwe yilezi zinkampani. Akekho owaziyo ukuthi isiphetho sizokuba yini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HERALDLIVE.CO.ZA ?? YIMIKHIQIZ­O efana nalena okuthiwa umphakathi mawungayid­li kulandela ukuhlaselw­a kwayo yigciwane i-listeriosi­s, eselikhiph­e ngisho izidumbu.
ISITHOMBE NGABE: HERALDLIVE.CO.ZA YIMIKHIQIZ­O efana nalena okuthiwa umphakathi mawungayid­li kulandela ukuhlaselw­a kwayo yigciwane i-listeriosi­s, eselikhiph­e ngisho izidumbu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa