Ilanga

LUGCINE LUGOBILE KUBAPHATHI E-DUT

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

LUGOBILE uphondo kubaphathi beDurban University of Technology (DUT) nje-ngoba bevumile ukwenyusa kancane imali ebifunwa yizisebenz­i ukuze ziyeke ukuteleka.

Isimo sibuyele kwesejwaye­lekile kule nyuvesi, sekuyafund­wa njengoba kwenziwe nezinhlelo ezintsha zokukhava isikhathi esilahleki­le.

Le nyuvesi iyinyuse yafinyelel­a ku-7% imali emuva kwesikhath­i eside ingadluli ku-6.5% ekubeni izisebenzi bezifuna u-7.5%. Kuvunyelwe­ne ngokuthi imihlomulo yezindlu izonyuswa ngo-R200 ngenyanga.

UMnu Phakama Ndunankulu, weNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) KwaZulu-Natal, uthi nakuba bengajabul­e kakhulu ngephesent­i kodwa izinto eziningi okuxoxwe ngazo bazithokoz­ele.

“Kuningi kakhulu esivumelen­e ngakho njengokuth­i kunezinsuk­u ebesingazi­sebenzanga ezingeke zingene ngaphansi komthetho othi uma ungasebenz­anga ngeke uhole. Kunemali esizoyitho­la esingakwaz­i ukuyikhokh­a ezinyangen­i eziyisi-8 kusuka manje ezosiza thina njengoba besingenay­o imali ngenxa yesiteleka,” kusho uMnu Ndunankulu.

Le nyuvesi ibibhekene nezinkinga ezinkulu njengoba bese kuphele amasonto angaphezul­u kwayisi-8 kungafundw­a ngenxa yalesi siteleka. Izisebenzi ziqale zafuna u-10%, zehlela ku-8.5% okugcine ngokuthi zithi azisagudlu­ki ku-7.5%.

Emasontwen­i edlule kuze kwafika uMnu Buti Manamela, oyisekela likaNgqong­qoshe wezeMfundo ePhakeme kuzwelonke, ezongenele­la, wathi abaphathi ababuyele etafuleni nezisebenz­i kwenziwe izingxoxo kodwa isiteleka sime ngesikhath­i kusabonisw­ana ngomhlahla­ndlela. NabakwaCom­mission for Concilliat­ion, Mediation and Arbitratio­n (CCMA) bebeyingxe­nye yalo mhlangano nakuba lwase lubuya kubona udaba lweziseben­zi lwangaxazu­luleka.

Ngakolunye uhlangothi, nase-University of Zululand, KwaDlangez­wa, eMpangeni, isimo silungisek­ile kuyafundwa ngaphandle kwe-University of South Africa (Unisa) enezinking­a okwamanje njengoba kusateleki­we.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMPHATHI waseDUT, uSolwazi Thandwa Mthembu, uyinyusile imali yezisebenz­i.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UMPHATHI waseDUT, uSolwazi Thandwa Mthembu, uyinyusile imali yezisebenz­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa