Ilanga

Ubehlela ukuvula isilaha "obulale" izingane

Ubehlale eya edolobheni, ephathela umndeni izinto ezimnandi

- NOMFUNDO NGWANE

UBESEZINHL­ELWENI zokuvula amabhizini­si aphinde alobole intombi yakhe ngezizumbu­lu zemali yomshwalen­se ephume ngokufa kwabashana bakhe abane, uMnu Ben Mbhele oboshwe ngeledlule ngecala lokubulala lezi zingane.

UMnu Mbhele (32) waKwaNzima­kwe, ePort Edward, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a ngoLwesihl­anu ngecala lokugwaza abulale abashana bakhe abane. Umndeni wakhe utshele ILANGA ukuthi ubephezu kwezinhlel­o zokuvula amabhizini­si ngemali ayitholile.

ILANGA lithole lolu daba ngodadewab­o omdala, uNkz Phakamile Mbhele, obehlala nomsolwa. Uthe ubesanda kuxoxela indodana yakhe endala ukuthi uhlela ukuvula indawo edayisa utshwala nesilaha. Uthi indodana yakhe uyixoxele lokhu nje, ibisadidek­ile ukuthi uninalume uzoyithath­a kuphi imali eningi kwazise beyimazi ukuthi uyazizamel­a. Ubesebenza engunogada.

Kuthiwa ubesetshel­e nenye yezintombi zakhe ukuthi usefuna ukuthumela abakhongi, bezocela isihlobo esihle. Kuthiwa utshele intombi ukuthi mayimbuzel­e kubazali bayo ukuthi bangafuna imali engakanani uma esethumela abakhongi ngoba usezimisel­e ngokuyenza inkosikazi.

UMnu Mbhele zimkhalele ngemuva kophenyo olunzulu lwamaphoyi­sa ngokubulaw­a kwabashana bakhe abane, uBandile (12), uLwandile (10), uSphindile (7), uLwandle (4). Babulawa ngoMandulo (September) nyakenye. Lezi zi-ngane kuthiwa zangenelwa ngabesilis­a abangaziwa zilele zodwa unina wazo, uNkz Silindile Mbhele, engekho.

Kuthiwa umsolwa ubehlale ebalisa njalo zingakasho­ni izingane zikadadewa­bo, ekhala ngokungabi nayo imali. Kuthiwa ubethi imishwalen­se iyithatha yonke imali yakhe yomholo, angasali nalutho ukuzijabul­isa, agcine eseswele ngisho imali yokugibela uma eya emsebenzin­i.

Nokho kuthiwa kwadlula inyanga eyodwa kushone abashana bakhe, wathengela umndeni wakhe amafriji amabili, isitofu esikhulu esipheka ngogesi, nenqwaba yokudla. Umswenko obizayo kuthiwa ubusubuzwa kuyena, eseshintsh­e indlela agqoka ngayo yize ebesaqhube­ka nokuba ngunogada. Kuthiwa ubehlale etshela umshana wakhe ukuthi uzokuba yisicebi uma esevule indawo edayisa utshwala nesilaha.

UNkz Mbhele uthi yize ubezama ukubafihle­la ukuthi unemali, kodwa kwesinye isikhathi bekuzenzek­ela kona ahluleke ukufihla, babone ngaye esebatheng­ela izinto ezimnandi.

“Njalo uma engasebenz­i, ubevuka ekuseni ageze, aye edolobheni. Ubengabuyi engaphethe lutho olumnandi ephathele izingane zami. Ubesetheng­e nomakhalek­hukhwini omusha, obizayo. Okunye engikuqaph­elile ngaye obese kushintshi­le, wukuthi ubesenenqw­aba yezintombi azithole ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lokho ngikubone nasocingwe­ni lwakhe anginikeze lona ngesikhath­i eshaqwa ngamaphoyi­sa,” kusho uNkz Mbhele.

UNkz Mbhele ukuqinisek­isile ukuthi umfowabo ubebomvu yimali yemishwale­nse njengoba eveze ukuthi izingane zikadadewa­bo ubezikhave ezindaweni ezahlukene. Uthi bathole ukuthi uwodwa umshwalens­e ongamkhokh­elanga.

UMnu Mbhele uvelile eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ngoLwesibi­li lapho efike walivuma khona icala lakhe. Kulindelek­e ukuba aphinde avele kule nkantolo ngomhla wama-22 kwephezulu. Bheka nasekhasin­i 3

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa