Ilanga

Isidumbu sesiduve unyaka ngolibofuz­o

Sekuthathw­e nekhanda liyohlolwa

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UYABALISA umndeni osekuyophe­la unyaka ungakwazi ukungcwaba isidumbu sikagogo wakhona ngoba kulindwe imiphumela yolibofuzo oluqale lwahlonzwa ngezinwele kwanhlanga zimuka nomoya, kwase kuthathwa ikhanda (lesidumbu) ukuba liyohlolwa kodwa lutho ukulunga.

Ukhihla isililo umndeni wakwaMdaki, eMahlathin­i, eBergville, osekuyophe­la unyaka isidumbu selungu lawo siduve emakhazeni eMnambithi.

Lo mndeni ukhala ngokuhamba ngolonwabu kwezinto njengoba isidumbu sikaNkk Khathazile Mdaki singangcwa­tshiwe yize satholakal­a ngoNtulika­zi (June) nyakenye sesonakele.

UNkk Mdaki waduka ngoNhlaba ( May) nyakenye.

Lo mndeni uthe kwathi sewulungis­elela ukumfihla, wayalelwa ukuba ulinde ulibofuzo. Ukuhamba kwezinsuku imiphumela ingabuyi kwenze lo mndeni wanquma ukuwacima amakhandle­la ngoMandulo ( September).

Lo mndeni ubuye wahlangabe­zane nenye imbibizane uyohlola isidumbu emakhazeni ngoZibandl­ela (December) ususifica singasenal­o ikhanda. Uthi utshelwe ukuthi lithathiwe ngenhloso yokuba kwenziwe ngalo ulibofuzo ngoba akutholaka­langa lutho ezinweleni ebezithath­we phambilini.

UNkz Jabu Mtshali, ogane indodana kamufi, futhi obehlala nomamezala wakhe, uthe: “Ngosuku aduke ngalo ngiqale ukuthuka sekuhwalal­a engakabuyi kwazise ubengajway­ele ukubuya ebusuku. Nganquma ukuya lapho ayethe uvakashela khona, bamulandul­a, bathi kudala ehambile. Sabe sesimbheka ngilekelel­wa ngamanye amalungu omphakathi kodwa sabuya silambatha.

“Ngosuku olulandela­yo sishayele amaphoyisa nawo afika kwabhekwa kodwa akaze atholakala. Kuze kwaphela inyanga singamthol­i kwathi singazelel­e kwafika izingane ezizingela­yo zasitshela ukuthi zibone isidumbu somuntu ofake izingubo ezifana nezikagogo ehlathini. Sinikele khona ngempela sasifica isidumbu sesonakele, izinyawo zingasekho. Kube sekwenziwa amalungise­lelo omngcwabo kodwa satshelwa ukuthi ngeke sikwazi ukumfihla, masilinde ulibo- fuzo,” kusho uNkz Mtshali.

UMnu Francis Mdaki, oyindodana kamufi, uthe emuva kokudlula kwezinyang­a kungacaci ngemiphume­la yolibofuzo, unikele emakhazeni eyobheka ukuthi sisekhona yini isidumbu ngoba bese benezinsol­o zokuthi kasisekho.

Uthi kuphele nasozwanen­i esithola singasenal­o ikhanda. Uthe amaphoyisa amtshela ukuthi kuyokwenzi­wa ulibofuzo ngalo.

“Yize lokhu kokuthathw­a kwekhanda kungethusi­le, kodwa ngikwamuke­le ngoba ngifuna isiphetho, sikwazi ukufihla umama.

“Kuze kube yimanje kusathulek­ile. Le nto isiphatha kabi kakhulu ngoba sekuyophel­a unyaka manje singamungc­wabile umama. Yize sazi ukuthi kumele sidedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo kodwa sesiside lesi sikhathi silindile. Sakuhlonip­ha ababekusho ngoba sazi ukuthi kuzothatha isikhashan­a kodwa manje sekudlulel­e,” kuzikhalel­a uMnu Mdaki.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe idokodo ngokushona komuntu emuva kokutholak­ala kwamathamb­o omuntu wesifazane.

Uthi kwathathwa amathambo ekhanda ngenhloso yokuyohlol­a amazinyo, okwamanje kusalindwe imiphumela.

Sasifica isidumbu sesonakele, izinyawo zingasekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa