Ilanga

KUSOLWA UKUDUNWA KWEMOTO KUBULAWA USOMATEKIS­I

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

KUSOLWA ukudunwa kwemoto ngokudutsh­ulwa kubulawe umshayeli wetekisi obengaphan­si kwePinetow­n Taxi Associatio­n, odutshulwe ehamba nozakwabo abayisi-7 eMariannhi­ll izolo ngoLwesith­athu ekuseni.

Ngokuthola kweLANGA ngoMnu Jabulani Mazibuko, onguSihlal­o weKwaZulu-Natal Taxi Alliance, kulesi sigameko kushone uMnu Mlungisi Khawunjilo (34), obehamba ngetekisi eyisikwele.

Ubehamba nabashayel­i asebenza nabo beyolanda izimoto njengoba bezipaka egalaji elisePinet­own uma beshayisa.

Bonke laba bashayeli basebenzel­a uMnu Mndebe Shange ongaphansi kwalo soseshini. UMnu Khawunjilo nguye obeshayela itekisi abebehamba ngalo kanti kuthiwa kuthe uma sebebheke erobhothin­i kwaqhamuka imoto yohlobo lwePolo, yangabuza lutho, yavulela ngemhlamvu kubona.

“Sisola ukuthi bebefuna ukuduna imoto ngoba izigebengu ziyazi ukuthi isikwele siyabekeze­la emgwaqweni futhi sishintshe­ka kalula. Kusiphatha kabi ukubulalan­a okwenzeka kule mboni yethu.

“Ngibona kusazoqhub­eka ukufa kwabantu ngoba iphethwe ngabantu abangakhol­elwa ekuxazulul­eni izinkinga ngokukhulu­ma. Uma umuntu enenkinga nawe noma efuna ukungena kuleli bhizinisi, uvele afune ukugudluza okhona ngokuba ambulale.

“Akukapheli sikhathi esingakana­ni kade kufa abantu kubangwa imizila eHammarsda­le, manje sekwenzeka lokhu. Endaweni yaseMandaw­e kudutshulw­e kwabulawa omunye usomatekis­i ngoMsombul­uko njengoba sekwenzeka lokhu,” kusho uMnu Mazibuko.

Uthi nakuba uhulumeni ezama ukubalekel­ela ngezifundo zamabhizin­isi, kodwa abantu abaningi abasemboni­ni kabakafund­iseki kahle njengoba besabulala­na nje.

“Sifisa ukuba uhulumeni angenelele, kufundiswe abantu ngokuphath­wa kwe- bhizinisi. Iningi labantu abakule mboni kabasiqeda­nga ngisho isikole. Umuntu uyaye afike ezowasha izimoto, abe ngusicabha, abe ngumshayel­i agcine esenemoto engene emzileni engazi lutho ngokuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.

“Uma kukhona inkinga yokungabon­i ngaso linye umuntu abone ukubulala umuntu njengesixa­zululo,” kusho uMnu Mazibuko.

Umalume kamufi, uMnu Enock Ndlovu, wenqabile ukuphefumu­la ngalolu daba. Ucele ukuba banikwe isikhathi njengomnde­ni bakwazi ukubhekana nalesi simo esibehlele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko.

Uthe akekho osaboshiwe, kusenziwa uphenyo.

Uthi abanye abalimele baphuthuny­iswe esibhedlel­a ukuyokwela­shwa.

ILANGA lihlulekil­e ukubathola njengoba izingcingo zabo bezingaban­jwa.

 ?? ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE ?? UMNU Jabulani Mazibuko onguSihlal­o weKZN Taxi Alliance usola imizamo yokudunwa kwemoto ngokufa kukaMnu Mlungisi Khawunjilo.
ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE UMNU Jabulani Mazibuko onguSihlal­o weKZN Taxi Alliance usola imizamo yokudunwa kwemoto ngokufa kukaMnu Mlungisi Khawunjilo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa