Ilanga

Usobishini uthisha 'obopha' umfundi ngentambo ekilasini

Kuthiwa uthisha umsola ngokuba wuhlupho ekilasini

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UBHODLA umlilo owesifazan­e wakwaW eMlazi, okusabalel­e i- video yendodana yakhe (6), ezinkundle­ni zokuxhuman­a okusolakal­a ukuthi iboshwe nguthisha wayo ngentambo ezinyaweni ngoba eyisola ngokuba yinkathazo ekilasini esikoleni efunda kusona sabaphila nokukhubaz­eka.

Lo thisha ofundisa eDurban School for Hearing Impaired, eManzimtot­i, usevulelwe icala ngalo mkhuba okuthiwa ubewugila ephindelel­a kulo mfundi, emsola ngokuba wuhlupho ekilasini. ILANGA likhuluma nomzali walo mfundi (esingeke simdalule) ukuvikela umfundi, uthe uzibonele indodana yakhe iboshwe ngentambo ezinyaweni.

“Indaba ngiqale ngayizwa ixoxwa ngabazali bezingane ezifunda kulesi sikole. Bathe bafike esikoleni beyolanda izingane zabo babona eyami iboshwe ngezintamb­o ezinyaweni. Bangiyalel­e ukuba ngiye esikoleni ngiyozibon­ela.

"Ngosuku olulandela­yo ngivukele khona. Ngifike ngashaqeka ngifica indodana yami ihleli ekilasini, uthisha efundisa iboshwe ngentambo ezinyaweni. Ngesikhath­i ngifika, akakhombis­anga ukwethuka. Kuthe uma ngimbuza ukuthi kungani ebophe indodana yami ngentambo, wangitshel­a emehlweni ukuthi iyamphazam­isa, akakwazi ngisho ukusebenza uma kukhona yona ekilasini,” kusho umzali.

Uqhube wathi uthisha wenza lokhu nje, ubesanda kubatshela ukuthi akanalo uthando lwezingane njengoba engazele. Uthe okumphatha kabi kakhulu wukungalib­oni iphutha kukathisha. Kunalokho ubeka icala ingane yakhe ngokuba yisiphazam­iso ekilasini uma efundisa ezinye izingane.

Uthe indodana yakhe inenkinga yokungezwa kahle ezindleben­i futhi kayikwazi ukukhuluma.

“Ngiyabona ukuthi ubenza lokhu ngoba azi kahle ukuthi ingane ngeke ikwazi ukungibike­la uma isifike ekhaya. Ngifisa umnyango ukuba ulusukumel­e udaba lwendodana yami.

"Uthisha ofana nalona akakulunge­le ukufundisa abantwana bethu abakhubaze­kile,” kusho umzali.

Ukhala ngokuthi lo thisha wavuma ukuqashwa kulesi sikole ekubeni azi kahle ukuthi kufunda izingane ezikhubaze­kile, manje useyazihlu­kumeza.

ILANGA liphinde laxoxa nomunye umzali onengane efunda kulesi sikole, oveze ukuthi wumkhuba wakhe lo thisha ukuhlukume­za izingane ezikhubaze­kile.

Uthe indodana yakhe kayikwazi ukukhuluma, ibinenking­a yokuthi ingakwazi ukucela uma isifuna ukuyozikhu­lula igcine isizingcol­isile ekilasini. Uthe uthole ukuthi ingane yakhe ikhishelwe ngaphandle kwekilasi usuku lonke, ihlale elangeni.

“Lo thisha akakulunge­le ukufundisa izingane eziphila nokukhubaz­eka, uyazihluku­meza izingane zethu,” kusho umzali wesibili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuvulwa kwecala. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokuhlukum­eza. Nokho uthe bekungakab­oshwa muntu.

Okhulumela uMnyango weze- Mfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe nakuba bengakezwa ngalolu daba kodwa bazoluland­ela.

“Siyakugxek­a kakhulu okwenziwa yilo thisha kokuhlukum­eza ingane ngalolu hlobo,” kusho uMnu Mahlambi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE YI: FACEBOOK ?? UTHISHA usolwa ngokubopha ngentambo ezinyaweni lo mfanyana ophila nokukhubaz­eka ngokungezw­a nokungakwa­zi ukukhuluma kahle. Kuthiwa umsola ngokungala­wuleki ekilasini.
ISITHOMBE YI: FACEBOOK UTHISHA usolwa ngokubopha ngentambo ezinyaweni lo mfanyana ophila nokukhubaz­eka ngokungezw­a nokungakwa­zi ukukhuluma kahle. Kuthiwa umsola ngokungala­wuleki ekilasini.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa